Zinandabani nabendlu yazo uma sezingasekho, lapho umumo wezinyanga zazo usunqunyiwe na?
AmaHubo 102:23 - IsiZulu 2020 Wanciphisa amandla ami endleleni, wafinyeza izinsuku zami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wanciphisa amandla ami endleleni, wafinyeza izinsuku zami. Contemporary Zulu Bible 2024 Wehlisela amandla ami endleleni; uzifinyezile izinsuku zami. |
Zinandabani nabendlu yazo uma sezingasekho, lapho umumo wezinyanga zazo usunqunyiwe na?
Kuyothi ngezinsuku zokugcina, intaba yendlu kaSimakade imiswe njengephakeme kunezintaba, iphakame kunamagquma; zonke izizwe ziyakugobhozela kuyo.
Abantu abaningi bayofika, bathi: “Wozani senyukele entabeni kaSimakade, endlini kaNkulunkulu kaJakobe, ukuze asifundise izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe,” ngokuba umthetho uyakuphuma eZiyoni, nezwi likaSimakade, eJerusalema.
Ngaleso sikhathi, abantu bayobiza iJerusalema ngokuthi liyisihlalo sobukhosi sikaSimakade. Izizwe zonke ziyobuthelwa kulo, kulo igama likaSimakade eJerusalema. Azisayukuhamba ngokwenkani yenhliziyo yazo embi.