Intonga yobukhosi ngeke isuke kuJuda, nodondolo lombuso ngeke lugudluzwe phakathi kwezinyawo zakhe, kuze kufike lowo ubukhosi obungobakhe; nezizwe ziyakumlalela.
AmaHubo 102:22 - IsiZulu 2020 lapho izizwe zibuthana ndawonye nemibuso, ukuzodumisa uSimakade. IBHAYIBHELI ELINGCWELE nxa izizwe zibuthana ndawonye kanye nemibuso ukumkhonza uJehova. Contemporary Zulu Bible 2024 Lapho izizwe nemibuso ibuthana ukukhonza uJehova. |
Intonga yobukhosi ngeke isuke kuJuda, nodondolo lombuso ngeke lugudluzwe phakathi kwezinyawo zakhe, kuze kufike lowo ubukhosi obungobakhe; nezizwe ziyakumlalela.
Yonke imikhawulo yomhlaba iyokhumbula, bese iphendukela kuSimakade, nayo yonke imindeni yezizwe iyokhothama phambi kwakho;
Abalindi benu baliphakamisile izwi labo, bayakhamuluka bethokoza kanyekanye, ngokuba bayozibonela ngawabo amehlo, lapho uSimakade ebuyela eZiyoni.
Qhumukani, nikhamuluke kanyekanye ngokuthokoza, nina zindawo ezichithekileyo eJerusalema, ngokuba uSimakade ubaduduzile abantu bakhe, ulihlengile iJerusalema.
Leli vangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike umhla wokuphela.
ngamandla ezibonakaliso nezimangaliso, ngamandla kaMoya kaNkulunkulu, njengokuba ngasuka eJerusalema, ngazungeza izwe ngaze ngafika e-Ilirikhu, ngishumayela ivangeli likaKhristu ngokupheleleyo.