AmaHubo 102:21 - IsiZulu 2020 ukuze igama likaSimakade lishunyayelwe eZiyoni, nodumo lwakhe, eJerusalema, IBHAYIBHELI ELINGCWELE ukuze kumenyezelwe eSiyoni igama likaJehova nodumo lwakhe eJerusalema, Contemporary Zulu Bible 2024 ukumemezela igama likaJehova eSiyoni nodumo lwakhe eJerusalema; |
Ukububula kwesiboshwa makuze phambi kwakho; londoloza ngobukhulu bengalo yakho asebengabantwana bokufa.
Khona thina, bantu bakho, izimvu zedlelo lakho, siyakukubonga kuze kube phakade, sishumayele udumo lwakho ezizukulwaneni ngezizukulwane.
“Hamba uqoqe amalunga akwa-Israyeli, uthi kuwo: ‘USimakade, uNkulunkulu wokhokho benu, uNkulunkulu ka-Abhrahama, no-Isaka, noJakobe uzibonakalisile kimi, wathi: “Ngikubonile konke okwenziwa kini eGibhithe,
ngathi ngizonikhuphula ekuhlushweni ngabaseGibhithe, nginiyise ezweni lamaKhanani, lamaHithi, lama-Amori, lamaPherizi, lamaHivi, nelamaJebusi, izwe elichichima ubisi noju.” ’
Abahlawulelweyo bakaSimakade bayobuya, bafike eZiyoni bejabula. Intokozo engapheliyo iyoba semakhanda abo phakade, bayothola injabulo nentokozo, kubaleke usizi nokububula.
makube kuye udumo ebandleni nakuKhristu uJesu ezizukulwaneni zonke, phakade naphakade. Amen.
Kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubuphristi basebukhosini, isizwe esingcwele, abantu abangabakaNkulunkulu, ukuze nishumayele ngobuhle balowo owanibiza, ukuba niphume ebumnyameni ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo.