Kepha uma uphuma nabo ngokuba uthi wenzela ukuba iqine impi yakho, uNkulunkulu uyakukuqumba phansi phambi kwezitha zakho, ngokuba uNkulunkulu unamandla okuqumba phansi nokusiza.”
AmaHubo 102:10 - IsiZulu 2020 ngenxa yentukuthelo nolaka lwakho, ungiqukule wangilahla kude. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngenxa yentukuthelo nolaka lwakho ungifukulile, wangilahla. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngenxa yolaka lwakho nentukuthelo yakho, ngokuba wangiphakamisa wangiphonsa phansi. |
Kepha uma uphuma nabo ngokuba uthi wenzela ukuba iqine impi yakho, uNkulunkulu uyakukuqumba phansi phambi kwezitha zakho, ngokuba uNkulunkulu unamandla okuqumba phansi nokusiza.”
Akukho ukuphila emzimbeni wami, ngenxa yentukuthelo yakho; amathambo ami awanampilo, ngenxa yesono sami.
Umuntu uyamjezisa ngenxa yesono sakhe, lokho okuligugu kuye, ukudla njengobuvunya, kuphele nya, wonke umuntu ungumoya nje. Sela
Ngiyakukhumbula lokhu, ngithulule umphefumulo wami phakathi kwami, njengalokhu ngangihamba esixukwini ngiya naso endlini kaNkulunkulu ngenhlokomo yokwethaba nokubonga, ibandla ligubha umkhosi.
“USimakade ungijezise ngokufanele, ngokuba angililalelanga izwi lakhe. Lalelani bantu, bukani nibone ubuhlungu bami. Izintombi nezinsizwa zami zihambile, zisekuthunjiweni.
Kepha siyazi ukuthi lokho okushiwo ngumthetho ukukhuluma kulabo abaphansi komthetho ukuze yonke imilomo ithuliswe, umhlaba wonke ubhekane necala kuNkulunkulu.