Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AmaHubo 100:4 - IsiZulu 2020

Ngenani emasangweni akhe ngokubonga, nasemagcekeni akhe ngokudumisa, mbongeni, nidumise igama lakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ngenani emasangweni akhe ngokubonga, nasemagcekeni akhe ngokudumisa; mbongeni, nibusise igama lakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ngenani emasangweni akhe ngokubonga nasemagcekeni akhe ngokudumisa; mbongeni futhi nidumise iGama laKhe.

Uka jalj uñjjattʼäta



AmaHubo 100:4
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngalokho-ke, Nkulunkulu wethu, siyakubonga, siyalidumisa igama lakho elitusekayo.


UDavide wathi kulo lonke ibandla: “Ake nibonge uSimakade uNkulunkulu wenu.” Lonke ibandla lambonga uSimakade uNkulunkulu wokhokho babo, lakhothama, lakhuleka kuSimakade nasenkosini.


Izinyawo zethu sezimi emasangweni akho, Jerusalema,


lapho imindeni ikhuphukela khona, imindeni kaSimakade, ngokomthetho wakwa-Israyeli, ukuba idumise igama likaSimakade.


Udumo lufanele Wena, Nkulunkulu, eZiyoni kuyofezeka isithembiso kuwe.


Ngizongena endlini yakho neminikelo yokushiswa, ngizifeze izifungo engazenza kuwe,


Masize phambi kwakhe ngokubonga, simhubele amahubo.


Mhubeleni uSimakade, nibonge igama lakhe, nimemezele insindiso yakhe imihla ngemihla.


Mnikeni uSimakade inkazimulo yegama lakhe, nilethe umnikelo, ningene emagcekeni akhe.


Mabalibonge igama lakhe elikhulu nelesabekayo; ungcwele Yena.


Abahlengiweyo bakaSimakade bayakubuya baye eZiyoni ngokwethaba, intokozo engunaphakade ibe phezu kwamakhanda abo; bayakuthola ukujabula nokuthokoza, kubaleke usizi nokububula.


Ngakho-ke ngaye, masinikele umhlatshelo wokudumisa kuNkulunkulu, okuyisona sithelo sezindebe zomlomo wethu, sivume igama lakhe.