UDavide wahlala enqabeni, wayibiza ngokuthi umuzi kaDavide. UDavide wakha nxazonke, kusukela eMilo kuya ngaphakathi.
AbAhluleli 9:6 - IsiZulu 2020 Zonke izakhamuzi zaseShekhemi nalo lonke iBhethi Milo zahlangana ngasensikeni yomu-okhi eShekhemi, zahamba zambeka u-Abhimelekhi, waba yinkosi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bonke abantu baseShekemi bahlangana nabo bonke abaseBeti Milo, baya bambeka u-Abimeleki inkosi ngase-okini* letshe lesikhumbuzo elaliseShekemi. Contemporary Zulu Bible 2024 Base bebuthana bonke abantu baseShekemi nendlu yonke yeMilo, bahamba bambeka u-Abimeleki inkosi ngase-okini letshe lesikhumbuzo elaliseShekemi. |
UDavide wahlala enqabeni, wayibiza ngokuthi umuzi kaDavide. UDavide wakha nxazonke, kusukela eMilo kuya ngaphakathi.
URehobhowamu waya eShekhemi, lapho wonke u-Israyeli ayebuthene khona ukuba ambeke inkosi.
Kwathi lapho u-Israyeli wonke esezwile ukuthi uJerobhowamu ubuyile, bathumela bambizela enhlanganweni, base bembeka inkosi phezu kuka-Israyeli wonke. Kwakungekho muntu omunye owalandela indlu kaDavide, ngaphandle kwesizwana sakwaJuda kuphela.
UJerobhowamu wakha iShekhemu ezintabeni kwa-Efrayimi, wahlala kulo; wedlula lapho wayokwakha nePhenuweli.
Izinceku zakhe zenza ugobe, zambulala uJowashi esendlini eMilo, uma wehla ubheke eSila.
UJoshuwa wawaloba lawa mazwi encwadini yomthetho kaNkulunkulu, wathatha itshe elikhulu, walimisa lapho phansi komu-okhi, endaweni engcwele kaSimakade.
Waya endlini kayise e-Ofira, wabulala abafowabo, amadodana kaJerubhali angama-70 etsheni elilodwa, kwasala uJothamu, uthunjana kaJerubhali, ngokuba wacasha.
Lapho uJothamu etshelwa ngalokho, wahamba wayoma esicongweni sentaba iGerizimu, wakhala, wamemeza kakhulu, wathi kuzo: “Ngilaleleni, nina zakhamuzi zaseShekhemi, ukuze uNkulunkulu anilalele nani.