AbAhluleli 9:48 - IsiZulu 2020 ngakho-ke wenyukela entabeni iZalimoni, yena nawo wonke amabutho ayehamba nawo. U-Abhimelekhi wathatha imbazo ngesandla sakhe, wagawula igatsha, waliphakamisa walibeka ehlombe lakhe. Wayesethi emabuthweni ayenaye: “Lokho eningibone ngikwenza, kwenzeni ngokushesha, njengami.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE U-Abimeleki wenyukela entabeni yaseSalimoni, yena nabantu bonke ababenaye; u-Abimeleki wathatha izembe ngesandla, wagawula igatsha emithini, walithatha, walibeka ehlombe, wathi kubantu ababenaye: “Lokho eningibone ngikwenza, sheshani nikwenze njengami.” Contemporary Zulu Bible 2024 U-Abimeleki wakhuphukela entabeni yaseSalimoni, yena nabo bonke abantu ababenaye; u-Abimeleki waphatha imbazo ngesandla sakhe, wagawula igatsha ezihlahleni, walithatha, walibeka ehlombe lakhe, wathi kubantu ababe naye: “Sheshani eningibona ngikwenza. Ngenze njengoba ngenzile. |
U-Abhimelekhi watshelwa ukuthi zonke izakhamuzi zombhoshongo eShekhemi zibuthene ndawonye,
Kwaba yilelo nalelo butho lagawula igatsha, balandela u-Abhimelekhi, bawabeka enqabeni, base beyithungela ngomlilo ngaphezu kwabo; bafa bonke abantu basembhoshongweni eShekhemi, amadoda abalelwa enkulungwaneni nabesifazane.
U-Abhimelekhi wafika embhoshongweni, walwa nawo, wasondela emnyango wombhoshongo ukuze awushise.