UZebhuli wathi kuye: “Kuphi ukuziqhayisa kwakho manje, wena obuthi: ‘Ungubani u-Abhimelekhi ukuba simkhonze, na?’ Akuwona yini lawa amabutho obuwathatha kalula, na? Phuma manje, ulwe nawo.”
AbAhluleli 9:39 - IsiZulu 2020 Ngakho-ke uGali waphuma wahola izakhamuzi zaseShekhemi, balwa no-Abhimelekhi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UGali waphuma phambi kwabantu baseShekemi, walwa no-Abimeleki. Contemporary Zulu Bible 2024 UGali waphuma phambi kwabemi baseShekemi walwa no-Abimeleki. |
UZebhuli wathi kuye: “Kuphi ukuziqhayisa kwakho manje, wena obuthi: ‘Ungubani u-Abhimelekhi ukuba simkhonze, na?’ Akuwona yini lawa amabutho obuwathatha kalula, na? Phuma manje, ulwe nawo.”
U-Abhimelekhi wamxosha, wabaleka phambi kwakhe. Abaningi bawa belimele kwaze kwaba sekungeneni esangweni lomuzi.