Ama-Aramu ayephume ngamaviyo ukuyophanga, abuya kwa-Israyeli nentombazana encane eyayiyincekukazi yomkaNahamani.
AbAhluleli 9:34 - IsiZulu 2020 U-Abhimelekhi nawo wonke amabutho ayenawo bavuka ebusuku, bayolindela ukuhlasela iShekhemi, bazihlela amaviyo amane. IBHAYIBHELI ELINGCWELE U-Abimeleki nabo bonke abantu ababenaye basuka ebusuku, baqamekela iShekemi ngezigaba ezine. Contemporary Zulu Bible 2024 Khona-ke u-Abimeleki nabo bonke abantu ababenaye bavuka ebusuku, balinda ngamaqembu amane ngokumelene neShekemi. |
Ama-Aramu ayephume ngamaviyo ukuyophanga, abuya kwa-Israyeli nentombazana encane eyayiyincekukazi yomkaNahamani.
Kuyothi ekuseni, lapho kuphuma ilanga, nivuke niphuthume emzini lapho yena namabutho ahambisana nawo bephuma beyokulwa nawe, ubenzakalise ngendlela obona ngayo.”
Lapho uGali, indodana ka-Ebhedi, ephuma, wama esikhaleni sesango lomuzi, u-Abhimelekhi namabutho akhe basuka lapho babecashe khona, bamthelekela.