U-Abhrama wathi kuLothi: “Masingaxabani, ingabi bikho nengxabano phakathi kwabelusi bethu, ngoba thina siyazalana.
AbAhluleli 9:26 - IsiZulu 2020 Kwathi lapho uGali, indodana ka-Ebhedi, ethuthela eShekhemi nezihlobo zakhe, izakhamuzi zaseShekhemi zethembela kuye. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwafika uGali indodana ka-Ebedi nabafowabo, waya eShekemi; abaseShekemi bamethemba. Contemporary Zulu Bible 2024 UGayeli indodana ka-Ebhedi weza nabafowabo, baya eShekemi; abantu baseShekemi bamethemba. |
U-Abhrama wathi kuLothi: “Masingaxabani, ingabi bikho nengxabano phakathi kwabelusi bethu, ngoba thina siyazalana.
Ngenxa yobutha kuye, izikhulu zaseShekhemi zabeka ezicongweni zezintaba abantu ukuba bamlalele unyendle. Bagebenga bonke ababedlula ngaleyo ndlela; kwabikwa lokho ku-Abhimelekhi.
Zaya emasimini, zabutha amagilebhisi ezivinini zazo, zawagxoba, zagubha umkhosi. Zaya ethempelini likankulunkulu wazo, zadla, zaphuza, zahlekisa ngo-Abhimelekhi.
UGali, indodana ka-Ebhedi, wabuza wathi: “Ungubani u-Abhimelekhi, futhi singobani thina baseShekhemi ukuba singakhonza yena, na? Ayikaze yini indodana kaJerubhali noZebhuli, induna yakhe, bakhonze emadodaneni kaHarmori uyise kaShekhemi, na? Pho thina simkhonzelani, na?
Lapho uZebhuli, umbusi womuzi, ezwa amazwi kaGali, indodana ka-Ebhedi, wathukuthela wabila.