UJakobe walibhekisa eSukhothi, wafike wathi gozololo khona, wakha nemipheme yemfuyo yakhe. Yingakho nje leyo ndawo ayibiza ngokuthi yiSukhothi.
AbAhluleli 8:14 - IsiZulu 2020 wabamba insizwa yaseSukhothi wayibuza; yamtshela ukuthi zingobani izikhulu namalunga baseSukhothi, nokuthi bangabantu abangama-77. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wabamba insizwa yabantu baseSukoti, wabuza kuyo; yona yamlobela izikhulu zaseSukoti namalunga alo, abantu abangamashumi ayisikhombisa nesikhombisa. Contemporary Zulu Bible 2024 Wabamba insizwa yamadoda aseSukoti, wacebisana nayo; wamlobela izikhulu zaseSukoti namalunga alo, amadoda angamashumi ayisikhombisa. |
UJakobe walibhekisa eSukhothi, wafike wathi gozololo khona, wakha nemipheme yemfuyo yakhe. Yingakho nje leyo ndawo ayibiza ngokuthi yiSukhothi.
Lapho uGideyoni, indodana kaJowashi, ebuya empini ngendlela enyukelayo eHereshi,
Wafika kubantu baseSukhothi, wathi kubo: “Nampa oZebha, noZalimuna enangichukuluza ngabo, nithi: ‘Usubathumbile yini oZebha noZalimuna, ukuba singanika amabutho akho akhathele izinkwa, na?’ ”