UJesu wayesethi kubafundi bakhe: “Uma umuntu ethanda ukuza emuva kwami, makazidele, athabathe isiphambano sakhe, angilandele.
AbAhluleli 7:17 - IsiZulu 2020 Wathi kuwo: “Bhekani mina, nenze njengami uma ngifika emaphethelweni enkambu, nenze njengoba ngenza. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wathi kuwo: “Ngibukeni, nenze kanjalo; bhekani, nxa nifika emaphethelweni ekamu, kuyakuthi njengalokho kwenza mina, nenze nani. Contemporary Zulu Bible 2024 Wathi kubo: “Ngibhekeni, nenze ngokunjalo; bhekani, lapho ngifika eceleni kwekamu, nenze njengalokho ngenza. |
UJesu wayesethi kubafundi bakhe: “Uma umuntu ethanda ukuza emuva kwami, makazidele, athabathe isiphambano sakhe, angilandele.
Khumbulani ababenihola, bekhuluma izwi likaNkulunkulu; nazi umphumela wokuhamba kwabo, nilingise ukukholwa kwabo.
Makungabi njengabazenza amakhosi phezu kwalabo enibaphathisiwe ukubanakekela, kodwa nibe yizibonelo emhlanjini.
Emveni kokuba amadoda angama-300 esewehlukanise amaviyo amathathu, wawanikeza amacilongo ezandleni zawo, nezitsha ezingenalutho nezihlonti phakathi ezitsheni.
Lapho ngishaya icilongo nabo bonke abakanye nami, nani niyoshaya amacilongo nizungeze yonke inkambu, nimemeze, nithi: ‘EkaSimakade nekaGideyoni!’ ”
ngakho-ke wenyukela entabeni iZalimoni, yena nawo wonke amabutho ayehamba nawo. U-Abhimelekhi wathatha imbazo ngesandla sakhe, wagawula igatsha, waliphakamisa walibeka ehlombe lakhe. Wayesethi emabuthweni ayenaye: “Lokho eningibone ngikwenza, kwenzeni ngokushesha, njengami.”