Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AbAhluleli 6:22 - IsiZulu 2020

Kwamkhanyela uGideyoni ukuthi bekuyingelosi kaSimakade; wayesethi uGideyoni: “Maye, Nkosi Simakade! Ngokuba ngibonile ingelosi kaSimakade ubuso nobuso.”

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Wayesebona uGideyoni ukuthi iyingelosi kaJehova; uGideyoni wathi: “Maye, Nkosi Nkulunkulu! Ngokuba ngibonile ingelosi kaJehova ubuso nobuso.”

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Kwathi uGideyoni ebona ukuthi iyingelosi kaJehova, uGideyoni wathi: “Awu, Nkosi Jehova! ngokuba ngabona ingelosi kaJehova ubuso nobuso.

Uka jalj uñjjattʼäta



AbAhluleli 6:22
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UHagari wayesembiza uSimakade owayekhulume naye wathi: “Ungu-Eli Royi,” ngokuba wathi: “Ngabe ngimbonile yini, ongibonayo na?”


UJakobe wayiqamba leyo ndawo wathi kusePheniyeli, ngokuba wathi: “Sibonene noNkulunkulu ubuso nobuso, angaze ngafa.”


Laphuma ilanga lapho edlula ePheniyeli, eqhuga ngenxa yokubhinyika inyonga.


Wathi: “Awunakububona ubuso bami, ngokuba akukho muntu ongangibona qede aphile.”


Akekho osewake wabona uNkulunkulu; nguNkulunkulu, iNdodana ezelwe yodwa, esesifubeni sikaYise embonakalisile.


U-Isaya wakusho lokho ngokuba ebona inkazimulo yeNkosi, futhi wakhuluma ngayo.


nathi: ‘Bheka, uSimakade uNkulunkulu wethu usibonisile inkazimulo yakhe nobukhulu bakhe, salizwa izwi lakhe livela phakathi komlilo. Namuhla sibonile ukuthi uNkulunkulu uyakhuluma nomuntu, adlule aphile.


ngokuba ngubani kubantu owake wezwa izwi likaNkulunkulu ophilayo njengathi, likhuluma livela emlilweni, waphila, na?


Ngaleso sikhathi mina ngangimi phakathi kukaSimakade nani ukuze nginazise izwi likaSimakade, ngokuba nesaba ngenxa yomlilo, anikhuphukelanga entabeni. Wathi:


Kepha uSimakade wathi kuye: “Ukuthula makube kuwe; ungesabi, awuzukufa.”