Umlilo kaSimakade wehla, wawuqeda umnikelo wokushiswa, nezinkuni, namatshe, nothuli, waze wakhotha namanzi ayesemseleni.
AbAhluleli 6:21 - IsiZulu 2020 Ingelosi kaSimakade yayisithinta inyama namaqebelengwane angenamvubelo ngesihloko senduku eyayisesandleni sayo; kwaphuma umlilo edwaleni, wadla inyama namaqebelengwane angenamvubelo; ingelosi kaSimakade yayisinyamalala emehlweni akhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ingelosi kaJehova yase yelula isihloko sentonga esesandleni sayo, yathinta inyama namaqebelengwane angenamvubelo; kwenyuka umlilo edwaleni, wadla waqeda inyama namaqebelengwane angenamvubelo; ingelosi kaJehova yayisimuka emehlweni akhe. Contemporary Zulu Bible 2024 Ingelosi kaJehova yase yelula isihloko sentonga eyayisesandleni sayo, yathinta inyama namaqebelengwane angenamvubelo; kwakhuphuka umlilo edwaleni, wadla inyama namaqebelengwane angenamvubelo. Ingelosi kaJehova yasuka ebusweni bakhe. |
Umlilo kaSimakade wehla, wawuqeda umnikelo wokushiswa, nezinkuni, namatshe, nothuli, waze wakhotha namanzi ayesemseleni.
UDavide wamakhela lapho uSimakade i-althare, wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula, wakhuleka kuSimakade. USimakade esezulwini waphendula ngomlilo e-althare leminikelo wokushiswa.
Kwathi lapho uSolomoni eseqedile ukukhuleka, kwehla umlilo ezulwini, wadla umnikelo wokushiswa nemihlatshelo; inkazimulo kaSimakade yagcwalisa indlu.
“ ‘ “Yilesi isibonakaliso esivela kuSimakade sokuthi uSimakade uzokwenza lokho akwethembisile kuwe.
Kwaphuma umlilo phambi kukaSimakade, waqothula umnikelo wokushiswa, namanoni okwakuse-althare; abantu bonke bekubona lokho, bakhamuluka, bakhothama phansi ngobuso.
UManowa wayesethatha izinyane lembuzi nomnikelo wokusanhlamvu, wakunikela kuSimakade phezu kwedwala, kuye owenza izimangaliso.
Kwathi lapho ilangabi lenyukela ezulwini, lisuka e-althare, ingelosi kaSimakade yenyuka ngalo, uManowa nomkakhe bebukela, base bethi mbo ngobuso emhlabathini.
Ingelosi kaNkulunkulu yathi kuye: “Thatha inyama namaqebelengwane angenamvubelo ukubeke kuleli dwala, uthulule umhluzi.” Wenza kanjalo.