Ngalezo zikhathi kwakungekho ukuthula nokuphepha kophumayo noma kongenayo, ngokuba kwakukuningi okuphazamisa izakhamuzi zezwe.
AbAhluleli 5:6 - IsiZulu 2020 “Ezinsukwini zikaShamgari, indodana ka-Anathi, ezinsukwini zikaJayeli, abantu bayibalekela imigwaqo emikhulu, abahamba ngalezo ndlela bahamba ngezindlela ezimazombezombe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Ezinsukwini zikaShamgari indodana ka-Anati, ezinsukwini zikaJayeli imendo yayishiyiwe; ababeyakuhamba ngemendo bahamba ngemikhondo. Contemporary Zulu Bible 2024 Emihleni kaSamgari indodana ka-Anati emihleni kaJayeli imigwaqo yayingenamuntu, abahambi babehamba emigwaqweni. |
Ngalezo zikhathi kwakungekho ukuthula nokuphepha kophumayo noma kongenayo, ngokuba kwakukuningi okuphazamisa izakhamuzi zezwe.
kodwa abaphambukela ezindleleni zabo ezigwegwileyo, uSimakade uzobaxosha kanye nabenza okubi. Ukuthula makube phezu kuka-Israyeli.
Kukhala ibhungane emigwaqweni, izihambi azisabonwa ezindleleni. Isivumelwano sichithiwe, imizi kayisanakiwe, nokuphila komuntu akushaywa mkhuba.
Ningaphumeli endle, ningahambi emgwaqweni, ngokuba isitha sinenkemba, kugcwele ukwesabeka nxazonke.
Imigwaqo yaseZiyoni iyalila, akusekho muntu osaya emikhosini emisiweyo; onke amasango akhona aseyincithakalo, abaphristi bakhona bayabubula, izintombi zakhona ziyahlupheka; nalo linomunyu.
Izitha zethu zasizingela nomaphi lapho sibalekela khona, sasingasakwazi ukuhamba emigwaqweni yakithi. Isiphetho sethu sase sisondele, nezinsuku zethu sezibaliwe, nokuphela kwethu kwase kufikile.
Ngiyothumela izilwane zasendle phakathi kwenu, ziyakubulala abantwana benu, zibhubhise imfuyo yenu, zinicoboshise, zibhubhise nezindlela zenu.
Ngakho-ke ngenxa yenu iZiyoni liyakulinywa libe yinsimu, neJerusalema libe yindunduma yencithakalo, intaba yendlu ibe yizindawo eziphakemeyo zamahlathi.
Emva kwakhe kwalandela uShamgari, indodana ka-Anathi, owabulala amaFilisti angama-600 ngomcijo wokuhlokoloza izinkomo. Naye futhi wamkhulula u-Israyeli.
Imizi yakwa-Israyeli yama ingenamuntu, Debhora, kwaze kwafika wena, wafika njengonina ku-Israyeli.