Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AbAhluleli 5:19 - IsiZulu 2020

“Amakhosi afika, alwa; alwa namakhosi aseKhanani, eThahanakhi, ngasemanzini eMegido; awatholanga mpango yesiliva.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

“Amakhosi afika alwa, alwa amakhosi aseKhanani eThahanaki ngasemanzini aseMegido; awathathanga nzuzo yamali.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Amakhosi afika alwa, kwathi ngasemuva alwa amakhosi aseKhanani eThahanaki ngasemanzini aseMegido; abawinanga mali.

Uka jalj uñjjattʼäta



AbAhluleli 5:19
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha u-Abhrama waphendula wathi: “Ngifungile kuSimakade uNkulunkulu oPhezukonke, uMdali wezulu nomhlaba,


UKhayini wasuka phambi kukaSimakade, wahamba wayohlala eNodi, empumalanga ye-Edeni.


uBhahana, indodana ka-Ahiludi eThahanaki, eMegido, nakulo lonke iBhethi Sheyani elingaseceleni kweZarethani, ngezansi kwaseJizreyeli, kusukela eBhethi Sheyani kuze kube se-Abhela Mehola nangaphesheya kweJokimeyamu;


Emihleni yokubusa kukaJosiya uFaro Nekho, inkosi yaseGibhithe, yakhuphukela enkosini yase-Asiriya ngasemfuleni iYufrathe. Inkosi uJosiya yakhuphuka ukuyoyihlangabeza; kwaba ukuyibona nje, yayibulala eMegido.


Kepha uJosiya akaphendukanga, kunalokho wazifihla ukuze alwe naye, akawalalelanga amazwi kaNekho ayevela emlonyeni kaNkulunkulu, wahamba wayokulwa esigodini saseMegido.


Isizwe sakho usithengise ngenani eliphansi, wangathola nzuzo ngaso.


inkosi yaseThanakhi: iyodwa; inkosi yaseMegido: iyodwa;


Phakathi kwelakwa-Isakhari nakwa-Asheri uManase wabelwa iBhethi Sheyani nemizana yalo, iJibheleyami nemizana yalo, izakhamuzi zaseDori nemizana yalo, ezase-Eni Dori nemizana yalo, ezaseThahanakhi nemizana yalo, nezaseMegido nemizana yalo, elesithathu yiNafathi.


Wayesebahlanganisela endaweni ebizwa ngesiHebheru ukuthi iHarmagedoni.


Ngase ngibona isilo, amakhosi omhlaba kanye nempi yawo kubuthene ukuze balwe nalowo ohleli ehhashini nempi yakhe.


UManase akazixoshanga izakhamuzi zaseBhethi Sheyani nemizana yalo, ezaseThahanakhi nemizana yalo, ezaseDori nemizana yalo, ezase-Ibheleyami nemizana yalo, nezaseMegido nemizana yalo, kodwa amaKhanani aqhubeka ahlala kulelo lizwe.


uSisera waqoqa zonke izinqola zakhe zempi, izinqola zensimbi ezingama-900 nawo wonke amabutho ayenawo, basuka eHaroshethi labezizwe baya emfudlaneni iKhishoni.


‘Bayitholile, futhi ababelani impango, na? Intombi, yebo, izintombi ezimbili endodeni; impango yezinto ezidayiwe kuSisera, impango yezinto ezidayiwe zahlotshiswa, iziqephu ezimbili zomsebenzi oyimpango odayiwe wahlotshiswa, ongowentamo yami.’