Simakade, kanti amehlo akho awafuni lona yini iqiniso na? Ubashayile, kodwa abadabukanga, ubaqedile, kepha balile ukwemukela ukuyalwa; ubuso babo babenze balukhuni ukwedlula itshe, benqaba ukuphenduka.
AbAhluleli 4:1 - IsiZulu 2020 Abantu bakwa-Israyeli baphinde benza okubi emehlweni kaSimakade, emva kokufa kuka-Ehudi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova, esefile u-Ehudi. Contemporary Zulu Bible 2024 Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova ekufeni kuka-Ehudi. |
Simakade, kanti amehlo akho awafuni lona yini iqiniso na? Ubashayile, kodwa abadabukanga, ubaqedile, kepha balile ukwemukela ukuyalwa; ubuso babo babenze balukhuni ukwedlula itshe, benqaba ukuphenduka.
Ngingabuye ngithini ngokukholwa na? Ngingaphelelwa yisikhathi uma ngingaqhubeka ngilande ngoGideyoni, uBharaki, uSamsoni, uJeftha; ngoDavide noSamuweli nangabaphrofethi,
okwathi ngokukholwa, banqoba imibuso, basebenza ukulunga, bazuza izithembiso, bavimba imilomo yezingonyama,
Abakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaSimakade, bakhonza oBhali no-Ashitharothi, onkulunkulu bama-Aramu, nonkulunkulu bamaSidoni, nonkulunkulu bakwaMowabi, nonkulunkulu bama-Amoni, nonkulunkulu bamaFilisti. Bamshiya kanjalo uSimakade, ababe besamkhonza.
Abantu bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaSimakade, uSimakade waqinisa u-Egiloni wakwaMowabi wamelana nabakwa-Israyeli, ngokuba babenzile okubi emehlweni kaSimakade.
Abantu bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaSimakade, bakhohlwa nguSimakade uNkulunkulu wabo, bakhonza oBhali no-Ashera.
Abantu bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaSimakade, uSimakade wabanikela esandleni sabakwaMidiyani iminyaka eyisikhombisa.