Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AbAhluleli 3:9 - IsiZulu 2020

Kodwa lapho abantu bakwa-Israyeli bekhala kuSimakade, wabavusela umkhululi abakwa-Israyeli, owabakhulula, u-Othiniyeli indodana kaKhenazi, umnawabo kaKhalebhu.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Kepha abantwana bakwa-Israyeli bakhala kuJehova; uJehova wabavusela abantwana bakwa-Israyeli umsindisi owabasindisa, u-Otheniyeli indodana kaKenazi, umnawe kaKalebi.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Lapho abantwana bakwa-Israyeli bembiza uJehova, uJehova wabavusela abantwana bakwa-Israyeli umsindisi owabakhulula, u-Otheniyeli indodana kaKenazi, umfowabo omncane kaKalebi.

Uka jalj uñjjattʼäta



AbAhluleli 3:9
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wawusubanikela ezitheni zabo ukuba zibacindezele. Kepha lapho sebesenhluphekweni, bakhala kuwe, wabezwa usezulwini, ngesihawu sakho esikhulu, wabanika abakhululi ukubakhulula ezitheni zabo.


Bakhala kuwe, bakhululwa; bethembela kuwe, abaze bajabha.


Lapho ebabulala, bamfuna, babuye bamfunisisa uNkulunkulu.


U-Otheniyeli, indodana kaKhenazi umfowabo kaKhalebhu, walinqoba, wayesemganisela indodakazi yakhe u-Akhisa, waba ngumkakhe.


Kwasuka u-Othiniyeli, indodana kaKhenazi, umnawabo kaKhalebhu, walidla; wayesemganisela indodakazi yakhe, u-Akhisa, yaba ngumkakhe.


Abakwa-Israyeli base bekhala kuSimakade, bathi: “Sonile kuwe, ngokuba simshiyile uNkulunkulu wethu, sayokhonza oBhali.”


USimakade wabavusela abehluleli ababakhulula esandleni salabo ababebaphanga.


Noma yinini lapho uSimakade ebavusela abehluleli, uSimakade wayeba naye umehluleli, futhi wayebakhulula esandleni sezitha zabo ngazo zonke izinsuku zalowo mehluleli, ngokuba uSimakade wayeba nozwelo lapho sebebubula ngenxa yalabo ababebacindezele, bebahlupha.


Lapho abantu bakwa-Israyeli bekhala kuSimakade, uSimakade wabavusela omunye umkhululi, u-Ehudi indodana kaGera wakwaBhenjamini, owayeyinxele. Abakwa-Israyeli bathumela umnikelo enkosini u-Egiloni wakwaMowabi ngesandla sika-Ehudi.


Ngakho-ke intukuthelo kaSimakade yamvuthela u-Israyeli, wamthengisa esandleni senkosi uKhushani Rishathayimi wase-Aramu Naharayimi, abakwa-Israyeli bamkhonza uKhushani Rishathayimi iminyaka eyisishiyagalombili.


Abantu bakwa-Israyeli base bekhala kuSimakade becela usizo, ngokuba uJabhini wayenezinqola zempi ezenziwe ngensimbi ezingama-900. Wayebacindezele, ebaphethe ngonya olukhulu abakwa-Israyeli, iminyaka engama-20.


Lapho abakwa-Israyeli bekhala kuSimakade ngenxa yabakwaMidiyani,


Bakhala kuSimakade, bathi: ‘Sonile, samshiya uSimakade, sakhonza uBhali no-Ashitharothi, kodwa manje sihlenge esandleni sezitha zethu, siyakukukhonza.’