Abelusi bemfuyo ka-Abhrama nabekaLothi base beqale ukuxabana. Ngaleso sikhathi amaKhanani namaPherizi ayehlala kulelo lizwe.
AbAhluleli 3:5 - IsiZulu 2020 Ngakho-ke abantu bakwa-Israyeli bahlala phakathi kwamaKhanani, amaHithi, ama-Amori, amaPherizi, amaHivi, namaJebusi, IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abantwana bakwa-Israyeli bahlala phakathi kwamaKhanani, namaHeti, nama-Amori, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi, Contemporary Zulu Bible 2024 Abantwana bakwa-Israyeli bahlala phakathi kwamaKhanani, namaHeti, nama-Amori, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi. |
Abelusi bemfuyo ka-Abhrama nabekaLothi base beqale ukuxabana. Ngaleso sikhathi amaKhanani namaPherizi ayehlala kulelo lizwe.
Bonke abantu abayinsali yama-Amori, amaHithi, amaPherizi, amaHivi namaJebusi, ababengesibo abantu bakwa-Israyeli,
Wayithola inhliziyo yakhe yethembekile kuwe, wenza isivumelwano naye, wethembisa ukwabela abozalo lwakhe izwe lamaKhanani, amaHithi, ama-Amori, amaPherizi, amaJebusi namaGirigashi, wakufeza owawukwethembisile ngokuba ulungile.”
ngathi ngizonikhuphula ekuhlushweni ngabaseGibhithe, nginiyise ezweni lamaKhanani, lamaHithi, lama-Amori, lamaPherizi, lamaHivi, nelamaJebusi, izwe elichichima ubisi noju.” ’
Ngehlile ukuzobakhulula esandleni sabaseGibhithe, nokubakhuphula kuleli lizwe, ngibayise ezweni elihle nelibanzi, izwe elichichima ubisi noju, izwe lamaKhanani, amaHithi, ama-Amori, amaPherizi, amaHivi, namaJebusi.
uthathele amadodana akho amadodakazi abo aphinga nonkulunkulu babo, bese enza ukuba amadodana akho aphinge nonkulunkulu babo.
Ama-Amaleki ahlala ngaseningizimu; amaHithi, amaJebusi nama-Amori akhe kwelezintaba; kuthi amaKhanani ahlale ngasolwandle olukhulu, agudle iJordani.”
“Kuyothi lapho uSimakade uNkulunkulu wakho ekungenisa ezweni oya kulo ukuba ulidle, axoshe izizwe eziningi phambi kwakho, amaHithi, amaGirigashi, ama-Amori, amaKhanani, amaPherizi, amaHivi, namaJebusi; izizwe eziyisikhombisa ezinkulu nezinamandla kunawe,
nakumaKhanani empumalanga, nasentshonalanga, nakuma-Amori, amaHithi, amaPherizi, amaJebusi kwelezintaba, nakumaHivi phansi kweHermoni eMizpha.
Kwathi ukuba wonke amakhosi ayengaphesheya kweJordani kwelezintaba, nalawo ayesemathafeni agudle ugu loLwande Olukhulu kuya ngaseLebhanoni: amaHithi, ama-Amori, amaKhanani, amaPherizi, amaHivi namaJebusi, ezwe ngalokhu,
UJuda wenyuka. USimakade wanikela amaKhanani namaPherizi esandleni sakhe; babulala abantu abayizi-10 000 eBhezekhi.
Bazithela phezu kuka-Adoni Bhezekhi, eBhezekhi, balwa naye, bawabulala amaKhanani namaPherizi.