Izwe laba nokuthula iminyaka engama-40. U-Othiniyeli, indodana kaKhenazi, wafa.
AbAhluleli 3:30 - IsiZulu 2020 Kusukela ngalolo lusuku abakwaMowabi baba ngaphansi kwesandla sabakwa-Israyeli. Izwe laba nokuthula, iminyaka engama-80. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UMowabi wathotshiswa kanjalo ngalolo suku phansi kwesandla sakwa-Israyeli. Izwe laba nokuthula iminyaka engamashumi ayisihiyagalombili. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngalokho uMowabi wathotshiswa ngalolo suku phansi kwesandla sika-Israyeli. Izwe laba nokuthula iminyaka engamashumi ayisishiyagalombili. |
Izwe laba nokuthula iminyaka engama-40. U-Othiniyeli, indodana kaKhenazi, wafa.
Ngaleso sikhathi babulala abakwaMowabi abayizi-10 000 abanamandla, amadoda ayizidlakela, akuzange kuphunyuke namunye.
Emva kwakhe kwalandela uShamgari, indodana ka-Anathi, owabulala amaFilisti angama-600 ngomcijo wokuhlokoloza izinkomo. Naye futhi wamkhulula u-Israyeli.
“Simakade, sengathi zingabhubha zonke izitha zakho! Kodwa abakuthandayo mabafane nelanga liphuma ngamandla alo.” Izwe lalinokuthula iminyaka engama-40.
Igama laleyo ndoda kwakungu-Elimelekhi, umkayo kunguNawomi, amadodana ayo amabili kunguMahaloni noKhiliyoni; babengama-Efratha aseBhethlehema kwaJuda. Bafika kwaMowabi bahlala khona.