Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AbAhluleli 3:29 - IsiZulu 2020

Ngaleso sikhathi babulala abakwaMowabi abayizi-10 000 abanamandla, amadoda ayizidlakela, akuzange kuphunyuke namunye.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Babulala kwabakwaMowabi ngaleso sikhathi kungathi abantu abayizinkulungwane eziyishumi abayizidlakela namajaha, akwaphunyuka muntu.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Babulala ngaleso sikhathi amadoda akwaMowabi kungathi izinkulungwane eziyishumi, onke amaqhawe namaqhawe; akwaphunyuka muntu.

Uka jalj uñjjattʼäta



AbAhluleli 3:29
7 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ngokuba wasibekela ubuso bakhe ngamafutha akhe, wenza umvingqi okhalo lwakhe.


Zivalile izinhliziyo zazo, azinasihe, zikhuluma zizigqaja ngemilomo yazo.


“Ngaleso sikhathi nganiyala ngathi: ‘USimakade uNkulunkulu wenu uninikile leli lizwe ukuba nilidle; niyakuwelisa phambi kwabafowenu bakwa-Israyeli wonke amadoda anesibindi ehlomile.


“UJeshuruni wakhuluphala, wayesekhahlela; usekhuluphele, uzimukile, futhi uchachambile. Wamshiya uNkulunkulu owamenza, waledelela iDwala lensindiso yakhe.


Wahambisa umnikelo ku-Egiloni, inkosi yakwaMowabi. U-Egiloni wayekhuluphele kakhulu.


Wathi kubo: “Ngilandeleni, ngokuba uSimakade uzinikele esandleni senu izitha zenu zakwaMowabi.” Behla bemlandela, bavimba emazibukweni omfula iJordani awelela kwaMowabi, abaze bavumela muntu ukuba awele kuwo.


Kusukela ngalolo lusuku abakwaMowabi baba ngaphansi kwesandla sabakwa-Israyeli. Izwe laba nokuthula, iminyaka engama-80.