AbAhluleli 3:29 - IsiZulu 2020 Ngaleso sikhathi babulala abakwaMowabi abayizi-10 000 abanamandla, amadoda ayizidlakela, akuzange kuphunyuke namunye. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Babulala kwabakwaMowabi ngaleso sikhathi kungathi abantu abayizinkulungwane eziyishumi abayizidlakela namajaha, akwaphunyuka muntu. Contemporary Zulu Bible 2024 Babulala ngaleso sikhathi amadoda akwaMowabi kungathi izinkulungwane eziyishumi, onke amaqhawe namaqhawe; akwaphunyuka muntu. |
“Ngaleso sikhathi nganiyala ngathi: ‘USimakade uNkulunkulu wenu uninikile leli lizwe ukuba nilidle; niyakuwelisa phambi kwabafowenu bakwa-Israyeli wonke amadoda anesibindi ehlomile.
“UJeshuruni wakhuluphala, wayesekhahlela; usekhuluphele, uzimukile, futhi uchachambile. Wamshiya uNkulunkulu owamenza, waledelela iDwala lensindiso yakhe.
Wahambisa umnikelo ku-Egiloni, inkosi yakwaMowabi. U-Egiloni wayekhuluphele kakhulu.
Wathi kubo: “Ngilandeleni, ngokuba uSimakade uzinikele esandleni senu izitha zenu zakwaMowabi.” Behla bemlandela, bavimba emazibukweni omfula iJordani awelela kwaMowabi, abaze bavumela muntu ukuba awele kuwo.
Kusukela ngalolo lusuku abakwaMowabi baba ngaphansi kwesandla sabakwa-Israyeli. Izwe laba nokuthula, iminyaka engama-80.