AbAhluleli 3:14 - IsiZulu 2020 Abantu bakwa-Israyeli bamkhonza u-Egiloni, inkosi yakwaMowabi, iminyaka eli-18. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abantwana bakwa-Israyeli bamkhonza u-Egiloni inkosi yakwaMowabi iminyaka eyishumi nesishiyagalombili. Contemporary Zulu Bible 2024 Abantwana bakwa-Israyeli bamkhonza u-Egiloni inkosi yakwaMowabi iminyaka eyishumi nesishiyagalombili. |
Ngiyomelana nani, nishaywe phambi kwezitha zenu, labo abanizondayo bayobusa phezu kwenu; niyobaleka kungekho muntu onixoshayo.
Uyakuba neminqumo ezifundeni zakho zonke, kodwa awuyukuzigcoba ngamafutha, ngokuba izithelo zeminqumo yakho ziyakuvuthuluka.
U-Egiloni ehlangene nabakwa-Amoni nabase-Amaleki bamhlasela, bamehlula u-Israyeli, badla uMuzi Wamasundu.
Lapho abantu bakwa-Israyeli bekhala kuSimakade, uSimakade wabavusela omunye umkhululi, u-Ehudi indodana kaGera wakwaBhenjamini, owayeyinxele. Abakwa-Israyeli bathumela umnikelo enkosini u-Egiloni wakwaMowabi ngesandla sika-Ehudi.