Sebezwile bonke abaseJabheshi Gileyadi ngakho konke okwenziwe ngamaFilisti kuSawule,
AbAhluleli 21:8 - IsiZulu 2020 Base bethi: “Sikhona yini esinye isizwana phakathi kwezizwana zakwa-Israyeli esingakhuphukelanga kuSimakade eMizpha, na?” Kwatholakala ukuthi akukho namunye kwabaseJabheshi Gileyadi oweza enkanjini enhlanganweni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bathi: “Yisiphi kuzo izizwe zakwa-Israyeli esingakhuphukelanga kuJehova eMispa na?” Bheka, akufikanga muntu ekamu* ovela eJabeshi Gileyadi ukuya ebandleni. Contemporary Zulu Bible 2024 Basebesithi: Ngubani ezizweni zakoIsrayeli ongakhuphukelanga eNkosini eMispa? bheka, kwakungekho muntu ekamu laseJabeshi kwaGileyadi emva kokuhlangana. |
Sebezwile bonke abaseJabheshi Gileyadi ngakho konke okwenziwe ngamaFilisti kuSawule,
Sizokwenzenjani ukuba abaseleyo bathole abafazi, njengoba sifungile kuSimakade ukuthi asizukubaganisela amadodakazi ethu abe ngomkabo, na?”
Ngokuba ngesikhathi kubizwa amagama alabo ababekhona, kwakungekho namunye kwabaseJabheshi Gileyadi.
‘Qalekisani iMerozi,’ kusho ingelosi kaSimakade; ‘ziqalekiseni kabi izakhamuzi zalo, ngoba azizanga ukuzosiza uSimakade, ukuzosiza uSimakade elwa nesiqhwaga.’
Wathatha izinkabi ezimbili, wazihlahlela, wathumela izithunywa nazo kuyo yonke imingcele yakwa-Israyeli, wathi: “Ongezukuphuma alandele uSawule noSamuweli kuzokwenzeka kanje ezinkabini zakhe.” Ingebhe ngoSimakade yehlela phezu kwabantu, baphuma kwangathi bamuntu munye.
Bathi ezithunyweni ezazifike kubo: “Niyothi kubantu baseJabheshi Gileyadi: ‘Kusasa lapho ilanga libalele, niyakukhululwa.’ ” Izithunywa zafika zabatshela abantu baseJabheshi; bathokoza.