UDavide wasina ngamandla akhe wonke phambi kukaSimakade, ebhince ingubo yamahlombe yelineni elimhlophe.
AbAhluleli 21:21 - IsiZulu 2020 niqaphe, lapho amadodakazi aseShilo ephuma ukuba azosina, anophuma ezivinini, kube yilowo azithwalele umfazi ezintombini zaseShilo, nibuyele kwaBhenjamini. IBHAYIBHELI ELINGCWELE nibone: bhekani, uma amadodakazi aseShilo ephuma ukusina lapho kusinwa khona, anophuma ezivinini, nizibambele, kube yilowo nalowo umkakhe kuwo amadodakazi aseShilo, niye ezweni lakwaBenjamini. Contemporary Zulu Bible 2024 Bhekani, bhekani, lapho amadodakazi aseShilo ephuma ukugida, niphume ezivinini, nizithabathele, kube yilowo nalowo umkakhe emadodakazini aseShilo, niye ezweni lakwaBenjamini. |
UDavide wasina ngamandla akhe wonke phambi kukaSimakade, ebhince ingubo yamahlombe yelineni elimhlophe.
Wayesethi uDavide kuMikhali: “Ngisine phambi kukaSimakade owangikhetha ukuba ngibe yinkosi kunoyihlo nabo bonke abendlu yakhe, wangibeka ukuba ngibe ngumbusi wabantu bakaSimakade kwa-Israyeli, yebo, ngisinile phambi kukaSimakade.
Mdumiseni ngesigubhu nokusina, nimdumise ngezigubhu ezinezintambo ezilishumi, nemitshingo.
Kwase kusuka uMiriyamu umphrofethikazi, udadewabo ka-Aroni, wathatha ithamborini ngesandla sakhe; waphuma nabo bonke abesifazane emva kwakhe, bephethe amathamborini, besina.
isikhathi sokukhala, nesikhathi sokuhleka; isikhathi sokulila, nesikhathi sokusina;
Buya, buya mShulami! Buya, buya ukuze sikubuke! Yini enizoyibona kumShulami na? Kunjengokusina phakathi kwamaqembu amabili.
Intombi iyakuthokoza ngokusina, izinsizwa nabadala bajabule kanyekanye. Ngiyakuguqula ukukhala kwabo kube yinjabulo, ngibaduduze, ngibathokozise, bangabe besaba nosizi.
“Kepha xwayani abantu, ngokuba bayakunikhaphela ezigcawini zokwehlulela, banishaye emasinagogeni abo.
UJeftha wabuyela ekhaya eMizpha; mamo, nakho-ke sekuphuma indodakazi yakhe imhlangabeza, iza nezigubhu isina; kwakuyiyona yodwa ingane ayenayo; wayengenandodana nandodakazi ngaphandle kwayo.
Kwathi lapho befika, uDavide esebuya ekubulaleni umFilisti, abesifazane baphuma emizini yonke kwa-Israyeli, behlabelela besina, beyohlangabeza uSawule, inkosi, ngezigubhu, nangokhehlegume, bethokoza.