Bahlukaniswa ngokonkatho, ngokuba phakathi kwabo kwakukhona izikhulu zendlu engcwele nezikhulu zikaNkulunkulu ozalweni luka-Eleyazare noluka-Ithamari.
AbAhluleli 20:9 - IsiZulu 2020 Kepha manje yilokhu esizokwenza ngeGibheya: sizokwenza unkatho, sikhuphukele kulo silihlasele. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha nakhu esiyakukwenza eGibeya: Siyakulihlasela ngenkatho, Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha manje kuyakuba njalo ngeGibeya; sizomasha ngokumelene nalo ngokudalelwa; |
Bahlukaniswa ngokonkatho, ngokuba phakathi kwabo kwakukhona izikhulu zendlu engcwele nezikhulu zikaNkulunkulu ozalweni luka-Eleyazare noluka-Ithamari.
Abaholi babantu bahlala eJerusalema; abantu abaseleyo benza unkatho, bakhetha oyedwa kwabalishumi ukuba ayohlala eJerusalema, umuzi ongcwele, nabayisishiyagalolunye emizini yakubo.
Amatilosi ahlanganisa amakhanda, athi: “Wozani senze unkatho, sibone ukuthi ngubani oyimbangela yalobu bubi obusehlelayo na? Alwenza-ke unkatho, lwadla uJona.”
Base bebenzela unkatho, lwadla uMathiyase; wayesebalwa kanye nabaphostoli abali-11.
Ifa labo lehlukaniswa ngonkatho, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose maqondana nezizwana eziyisishiyagalolunye nengxenye.
Siyothatha amadoda alishumi kwayikhulu kuzo zonke izizwana zakwa-Israyeli, nayikhulu kwayinkulungwane, nayinkulungwane kwalishumi lezinkulungwane, ukuba ahlinzeke amabutho ngokudla, azohamba ayophindisela eGibheya kwaBhenjamini ngalobu buwula obuyihlazo ababenzile kwa-Israyeli.”
Bonke abantu basukuma njengamuntu munye, bathi: “Sonke asiyukuphindela emathendeni ethu, akekho namunye ozakubuyela endlini yakhe.