AbAhluleli 20:44 - IsiZulu 2020 Kwafa abayizi-18 000 bakwaBhenjamini, bonke kwakungamaqhawe anesibindi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwawa abantu bakwaBenjamini abayizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili; bonke labo babe ngamaqhawe. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwawa kwaBenjamini amadoda ayizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili; bonke babengamadoda anesibindi. |
USimakade wabanqoba abakwaBhenjamini phambi kuka-Israyeli. Abakwa-Israyeli babhubhisa amadoda akwaBhenjamini ayizi-25 100, wonke ayehlome ngenkemba.
Babazungeza abakwaBhenjamini nxazonke, babahubha, bababhuqabhuqa ngenkemba kwaze kwaba maqondana neGibheya, ngasempumalanga.
Lapho bephenduka bebalekela ehlane, edwaleni likaRimoni, kwacoboshiswa abayizi-5 000 emigwaqweni emikhulu. Baxoshwa kwaze kwaba seGidomi, kwabulawa izi-2 000 zabo.