UJuda usekuthunjweni, ngenxa yokuhlupheka nangenxa yobugqila obukhulu; uhlala phakathi kwezizwe, akakutholi ukuphumula. Bonke abamxoshayo, bamficile phakathi kobuhlungu.
AbAhluleli 20:42 - IsiZulu 2020 Ngakho-ke babaleka phambi kwabakwa-Israyeli, bemba bembulula belibhekise ngasehlane, kodwa impi yabafica labo ababevela ngasemzini, bababulala phakathi kwayo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngalokho bafulathela phambi kwabantu bakwa-Israyeli, bahamba ngendlela yasehlane, kepha ukulwa kwabalandela; abaphuma emizini bababulala phakathi kwayo. Contemporary Zulu Bible 2024 Yingakho bafulathela phambi kwamadoda akwa-Israyeli endleleni eya ehlane; kodwa impi yabafica; abaphuma emizini bababhubhisa phakathi kwayo. |
UJuda usekuthunjweni, ngenxa yokuhlupheka nangenxa yobugqila obukhulu; uhlala phakathi kwezizwe, akakutholi ukuphumula. Bonke abamxoshayo, bamficile phakathi kobuhlungu.
“Israyeli, selokhu wona kusukela ezinsukwini zaseGibheya. Bahlala lapho; impi nabantu bobubi ayiyukubafica eGibheya na?
Sebeshone shi enkohlakalweni njengasezinsukwini zaseGibheya; uyakukhumbula iziphambeko zabo, abajezisele izono zabo.
UJoshuwa nayo yonke impi yakwa-Israyeli, bashaya sengathi bayehlulwa, base beyabaleka ngendlela eqonde ogwadule.
U-Israyeli eseqedile ukubulala zonke izakhamuzi zase-Ayi ehlane elalivulekile lapho babebaxoshele khona, nalapho bonke ngothi lwabo sebebulewe ngenkemba, bonke abakwa-Israyeli baphindela e-Ayi, balihlasela balibhubhisa ngenkemba.