Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AbAhluleli 20:41 - IsiZulu 2020

Impi enkulu yakwa-Israyeli yabe isiphenduka ihlasela. AbakwaBhenjamini bashaywa luvalo, ngokuba babona ukuthi inhlekelele isibehlele.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Base bephenduka abantu bakwa-Israyeli, nabantu bakwaBenjamini bashaywa luvalo, ngokuba babona ukuthi behlelwe ngububi.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Lapho amadoda akwa-Israyeli ephenduka, amadoda akwaBhenjamini amangala, ngoba abona ukuthi ububi bubehlele.

Uka jalj uñjjattʼäta



AbAhluleli 20:41
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ukulunga komsulwa kuyayiqondisa indlela yakhe, kodwa isikhohlakali siyowiswa yinkohlakalo yaso.


Ukulunga kuyabasindisa abaqotho, kodwa abanobuqili bayobhajwa ezinkanukweni zabo.


Ugibe lusesiphambekweni somuntu omubi, kodwa olungileyo uhlabelela ngentokozo.


Isikhohlakali siyakubhajwa ekukhohlakaleni kwaso, sibhajwe yizintambo zesono saso.


Izoni eZiyoni ziyesaba, abangenabunkulunkulu bakhungethwe yitwetwe. “Ngubani phakathi kwethu ongahlala nomlilo oqothulayo na? Ngubani phakathi kwethu ongahlala namalangabi aphakade na?”


Abantu bayakuquleka ngenxa yokwesaba nangokulindela lokho okuyakwehlela umhlaba, ngokuba amandla ezulu ayakunyakaziswa.


Uma bethi: “Ukuthula nokuhlala kahle,” khona ukubhujiswa kuyakubazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo; kabasoze baphunyuka.


Lapho amadoda ase-Ayi ebheka emuva akhangwa yisikhatha sentuthu sibheke esibhakabhakeni, kusha umuzi. Aphelelwa ngamandla, awaze azi ukuthi abalekele ngaphi, ngokuba abakwa-Israyeli ababebalekele ehlane babaphendukela abase-Ayi ababebaxosha.


Kepha laba bantu bafana nezilwane ezingenangqondo, izidalwa eziphila ngokwemvelo, ezizalelwe ukuba zibanjwe zibulawe. Bakhuluma kabi ngalokho abangakuqondi, kepha nabo bayakubhujiswa bashabalale njengazo.