Kwathi u-Ezra esakhuleka evuma izono, ekhala, ezilahle phansi phambi kwendlu kaNkulunkulu, isixuku esikhulu sabakwa-Israyeli sabuthana lapho, amadoda, abesifazane, nezingane, bonke babekhala kalusizi.
AbAhluleli 2:4 - IsiZulu 2020 Ngesikhathi ingelosi kaSimakade ikhuluma lawo mazwi ku-Israyeli wonkana, abantu badazuluka, bakhala. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwathi ingelosi kaJehova isikhulumile lawo mazwi kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli, abantu badazuluka, bakhala. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi ingelosi kaJehova ikhuluma lawo mazwi kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli, abantu badazuluka bakhala. |
Kwathi u-Ezra esakhuleka evuma izono, ekhala, ezilahle phansi phambi kwendlu kaNkulunkulu, isixuku esikhulu sabakwa-Israyeli sabuthana lapho, amadoda, abesifazane, nezingane, bonke babekhala kalusizi.
Bayakuza bekhala, bekhuleka; lapho ngibabuyisa, ngiyakubaholela emifuleni yamanzi, ngendlela eqondileyo abangayukukhubeka kuyo, ngokuba nginguyise ka-Israyeli, no-Efrayimi uyizibulo lami.
USimakade uyakhuluma uthi: “Ngisho namanje buyelani kimi ngenhliziyo yenu nonke, ngokuzila ukudla, ngokukhala, nangokulila.”
“Ngiyakuthululela phezu kwendlu kaDavide naphezu kwabakhileyo eJerusalema umoya womusa nowokunxusa. Bayakungibuka mina, lowo abamgwazayo. Bayakumlilela njengokulilela kozelwe yedwa, babe nomunyu ngaye, njengokukhalela kalusizi izibulo.
Nibusisiwe nina enilambileyo manje, ngokuba niyakusuthiswa. Nibusisiwe nina enikhalayo manje, ngokuba niyakuhleka.
Wema ngemuva kukaJesu, ngasezinyaweni zakhe, ekhala. Waqala ukumatisa izinyawo zikaJesu ngezinyembezi zakhe, wayesezesula ngezinwele zakhe, wazanga izinyawo ephindelela, wayesezigcoba ngamakha.
Ukudabuka okwenziwa nguNkulunkulu kuholela ensindisweni, umuntu angasoze azisola ngakho, kube ngukusindiswa, kodwa ukudabuka okuya ngokwezwe, kuholela ekufeni.
Yibani lusizi, nibubule, nikhale; ukuhleka kwenu makuphenduke ukububula, nokujabula kube ngukujabha.
Ngakho-ke manje ngithi: angizukuzixosha phambi kwenu, kodwa zizomelana nani, onkulunkulu bazo bayoba wugibe kini.”
Bayibiza leyo ndawo ngokuthi yiBhokhimi, benza umhlatshelo kuSimakade kuleyo ndawo.
Izithunywa zafika eGibheya likaSawule, zakhuluma lawo mazwi kubo bonke abantu. Bonke abantu badazuluka, bakhala.
Ngakho-ke abakwa-Israyeli babuthana eMizpha. Bakha amanzi, bawathulula phambi kukaSimakade, bazila, bathi: “Sonile kuSimakade.” USamuweli wabehlulela abantu bakwa-Israyeli eMizpha.