kusukela osukwini engabeka ngalo abehluleli ukuba babuse abantu bami u-Israyeli, ngiyokuphumuza ezitheni zakho zonke. USimakade uyakutshela ukuthi, Yena uqobo, uyakukwenzela wena indlu.
AbAhluleli 2:16 - IsiZulu 2020 USimakade wabavusela abehluleli ababakhulula esandleni salabo ababebaphanga. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova wavusa abahluleli ababasindisa esandleni sababaphangayo. Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa uJehova wavusa abahluleli ababasindisa esandleni salabo ababebaphanga. |
kusukela osukwini engabeka ngalo abehluleli ukuba babuse abantu bami u-Israyeli, ngiyokuphumuza ezitheni zakho zonke. USimakade uyakutshela ukuthi, Yena uqobo, uyakukwenzela wena indlu.
Wawusubanikela ezitheni zabo ukuba zibacindezele. Kepha lapho sebesenhluphekweni, bakhala kuwe, wabezwa usezulwini, ngesihawu sakho esikhulu, wabanika abakhululi ukubakhulula ezitheni zabo.
Kwedlula iminyaka ebalelwa ema-450, emveni kwalokho wabanika abehluleli, kwaze kwaba nguSamuweli umphrofethi.
Emva kuka-Abhimelekhi kwavela uThola, indodana kaPhuwa kaDodo, umuntu wakwa-Isakhare ukuba akhulule u-Israyeli, owayehlala eShamiri kwelezintaba kwa-Efrayimi.
UJeftha wayesedlulela kubantu bakwa-Amoni ukuba alwe nabo; uSimakade wabanikela esandleni sakhe.
Lapho abantu bakwa-Israyeli bekhala kuSimakade, uSimakade wabavusela omunye umkhululi, u-Ehudi indodana kaGera wakwaBhenjamini, owayeyinxele. Abakwa-Israyeli bathumela umnikelo enkosini u-Egiloni wakwaMowabi ngesandla sika-Ehudi.
Emva kwakhe kwalandela uShamgari, indodana ka-Anathi, owabulala amaFilisti angama-600 ngomcijo wokuhlokoloza izinkomo. Naye futhi wamkhulula u-Israyeli.
Wayevame ukuhlala phansi kwesihlahla sesundu sikaDebhora, phakathi kweRama neBhethele kwelezintaba kwa-Efrayimi. Abantu bakwa-Israyeli babenyukela kuye ukuba abehlulele.
USimakade waphendukela kuye, wathi: “Hamba ngalawa mandla akho, ukhulule u-Israyeli esandleni sabakwaMidiyani; angikuthumanga yini, na?”
Ngezinsuku lapho kusaphethe abehluleli, kwaba khona indlala enkulu ezweni. Indoda ethile yaseBhethlehema kwaJuda nomkayo namadodana ayo amabili, basuka bayohlala kwaMowabi.
USimakade wayesethumela uJerubhali, uBhedani, uJeftha, noSamuweli, wanihlenga esandleni sezitha zenu ezazinizungeze nhlangothi zonke, nahlala ngokuvikeleka.
Walwa ngesibindi, wanqoba ama-Amaleki, wamhlenga u-Israyeli esandleni sabaphangi.