USara ekuzwa lokho wahleka usulu, wathi: “Kuzothi sengiguge nginje, nomyeni wami esemdala kangaka, siphinde sithokozisane na?”
AbAhluleli 19:26 - IsiZulu 2020 Ekuseni ngovivi lona wesifazane wafike wawela ngasemnyango wendlu yalelo khehla, lapho inkosi yakhe yayikhona, kwaze kwasa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Owesifazane wayesefika ngovivi lokusa, wawa ngasemnyango wendlu yomuntu, lapho yayikhona inkosi yakhe, kwaze kwakhanya. Contemporary Zulu Bible 2024 Owesifazane wafika ekuseni kakhulu, wawela phansi ngasemnyango wendlu yomuntu lapho inkosi yakhe yayikhona, kwaze kwasa. |
USara ekuzwa lokho wahleka usulu, wathi: “Kuzothi sengiguge nginje, nomyeni wami esemdala kangaka, siphinde sithokozisane na?”
njengoSara owamlalela u-Abhrahama embiza ngokuthi inkosi. Nina-ke ningabantwana bakhe uma nje nenza okuhle, ningesabi lutho okwesabisayo.
Kepha abantu abafunanga ukulilalela. Leyo ndoda yabamba isancinza sayo, yasikhiphela kubo phandle. Basidlwengula, basihlukumeza ubusuku bonke kwaze kwasa. Ekuthatheni kokusa basidedela sahamba.
Ekuseni inkosi yakhe yavuka, yavula iminyango yendlu, lapho iphuma ukuze ihambe; bheka, nasiya isancinza sayo siwile ngasemnyango wendlu, izandla zaso ziphezu kombundu.
Umyeni waso wasuka, wasilandela ukuze akhulume naso, asibuyise. Wayehamba nenceku yakhe, nezimbongolo ezimbalwa; samngenisa endlini kayise, lapho umukhwe wakhe embona, wathokoza ukuhlangana naye.