U-Adamu walala nomkakhe u-Eva, wayesekhulelwa, wazala uKhayini, wathi: “Ngifumene insizwa kuSimakade.”
AbAhluleli 19:25 - IsiZulu 2020 Kepha abantu abafunanga ukulilalela. Leyo ndoda yabamba isancinza sayo, yasikhiphela kubo phandle. Basidlwengula, basihlukumeza ubusuku bonke kwaze kwasa. Ekuthatheni kokusa basidedela sahamba. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha abantu kabavumanga ukumlalela; khona lowo muntu wasibamba isancinza sakhe, wasikhiphela kubo; basazi, basona ubusuku bonke kwaze kwaba sekuseni; ekuthatheni kokusa basiyeka. Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha amadoda awavumanga ukumlalela; indoda yasithatha isancinza sayo, yasiphumisela kubo; bamazi, bamthuka ubusuku bonke kwaze kwasa; kwathi sekuqala ukuntwela ezansi, bamkhulula. |
U-Adamu walala nomkakhe u-Eva, wayesekhulelwa, wazala uKhayini, wathi: “Ngifumene insizwa kuSimakade.”
“Israyeli, selokhu wona kusukela ezinsukwini zaseGibheya. Bahlala lapho; impi nabantu bobubi ayiyukubafica eGibheya na?
Sebeshone shi enkohlakalweni njengasezinsukwini zaseGibheya; uyakukhumbula iziphambeko zabo, abajezisele izono zabo.
okuthe bangalahlekelwa ngukuzisola, bazinikela emanyaleni amakhulu, ukuze benze ukungcola konke ngokuhuheka.
Bhekani, nansi indodakazi yami, eyintombi, nesancinza sale ndoda, ngizakukhipha bona, nenze kubo noma yini eniyibona ilungile emehlweni enu, kodwa kule ndoda, aniyukubenza lobu buwula obuyihlazo.”
Ekuseni ngovivi lona wesifazane wafike wawela ngasemnyango wendlu yalelo khehla, lapho inkosi yakhe yayikhona, kwaze kwasa.
Izakhamuzi zaseGibheya zangivukela, zazungeza indlu ebusuku. Zaziqonde ukungibulala; zadlwengula isancinza sami saze safa.