Wabusa eJerusalema iminyaka emithathu. Igama likanina kwakunguMikhaya, indodakazi ka-Uriyeli waseGibheya. Kwakukhona ukulwa phakathi kuka-Abhiya noJerobhowamu.
AbAhluleli 19:14 - IsiZulu 2020 Base bedlula, baqhubeka nohambo lwabo, ilanga labashonela beseduze neGibheya kwaBhenjamini. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Base bethula bahamba; ilanga lashona bengaseGibeya elingelakwaBenjamini. Contemporary Zulu Bible 2024 Base behamba, bahamba; ilanga lashona beseGibeya yakwaBhenjamini. |
Wabusa eJerusalema iminyaka emithathu. Igama likanina kwakunguMikhaya, indodakazi ka-Uriyeli waseGibheya. Kwakukhona ukulwa phakathi kuka-Abhiya noJerobhowamu.
Yayisithi encekwini yayo: “Woza, masizame ukufinyelela kwenye yalezi zindawo, ukuze silale eGibheya noma eRama.”
Baphambuka ukuba bangene, balale eGibheya. Wangena wayohlala esigcawini somuzi, kodwa abangeniswanga muntu ukuba balale.
Kusihlwa kwaqhamuka ikhehla livela emsebenzini walo ensimini. Lelo khehla lalidabuka kwelezintaba kwa-Efrayimi, kodwa lase ligogobele eGibheya. Abantu bakule ndawo kwakungabakwaBhenjamini.