Qina, masisebenzise amandla ethu ngenxa yabantu bakithi nangenxa yemizi kaNkulunkulu wethu; uSimakade makenze okuhle emehlweni akhe.”
AbAhluleli 18:9 - IsiZulu 2020 Athi: “Sukumani, senyuke, sibahlasele, ngokuba silibonile izwe ukuthi lihle kakhulu. Ningenqeni, ningahuduli izinyawo, kodwa ngenani nilidle. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bathi: “Sukani, senyukele kubo, ngokuba silibonile izwe; bhekani, lihle kakhulu; niyathula yini? Ningenqeni ukuhamba, ningene ukuba nilidle izwe. Contemporary Zulu Bible 2024 Base bethi: “Sukumani, sihambe silwe nabo; ngokuba silibonile izwe, futhi bheka, lihle kakhulu; kanti usekhona? ningalibali ukuhamba ningene ukulidla izwe. |
Qina, masisebenzise amandla ethu ngenxa yabantu bakithi nangenxa yemizi kaNkulunkulu wethu; uSimakade makenze okuhle emehlweni akhe.”
“Ngakho-ke uSimakade ubeke umoya wamanga emilonyeni yabo bonke abaphrofethi bakho; uSimakade ukhulume okubi kodwa ngawe.”
Inkosi yakwa-Israyeli yathi ezincekwini zayo: “Niyazi nje ukuthi iRamothi Gileyadi lingelethu, na? Kepha asenzi lutho ukuba silithathe esandleni senkosi yase-Aramu.”
UKhalebhu wabathulisa abantu, wathi kuMose: “Siyakwenyuka impela, silidle; akungabazeki ukuthi sizakulinqoba.”
Ningasebenzeli ukudla okuphelayo, kepha ukudla okuhlala kuze kube ngukuphila okuphakade, eyakunipha khona iNdodana yomuntu, ngokuba uYise uNkulunkulu ubekile uphawu lwakhe kuyo.”
Ngakho-ke uJoshuwa wathi kubantu bakwa-Israyeli: “Niyakudembesela kuze kube nini ningaphumi nidle izwe uSimakade uNkulunkulu wokhokho benu aninika lona na?
Uma nihamba, niyofica abantu abangaxwaye lutho. Izwe libanzi, uNkulunkulu ulinikele esandleni senu; indawo lapho kungasweleke lutho lwasemhlabeni.”
Lapho esefika kwabakubo eZora nase-Eshithawoli, bathi kuwo: “Mbiko muni enisiphathele wona, na?”
Qinani nibe ngamadoda nina maFilisti ukuze ningabi yizigqila zamaHebheru, njengoba ebeyizigqila zenu. Yibani ngamadoda, nilwe!”