Kepha umphongolo kaNkulunkulu ayewukhuphulile uDavide eKiriyathi Jeharimi, wayiswa ethendeni uDavide ayelimisele wona, eJerusalema.
AbAhluleli 18:12 - IsiZulu 2020 Enyuka, akanisa eKiriyathi Jeharimi kwaJuda; ngalokho bayibiza leyo ndawo ngokuthi yiMahane Dani kuze kube yinamuhla; isentshonalanga yeKiriyathi Jeharimi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Benyuka, bamisa eKiriyati Jeharimi kwaJuda; ngalokho bayibiza leyo ndawo ngokuthi iMahane Dani kuze kube namuhla; bheka, lingasemva kweKiriyati Jeharimi. Contemporary Zulu Bible 2024 Bakhuphuka, bamisa eKiriyati Jeharimi kwaJuda; ngalokho babiza leyo ndawo ngokuthi iMahane-dani kuze kube namuhla; bheka, lingasemva kweKiriyati Jeharimi. |
Kepha umphongolo kaNkulunkulu ayewukhuphulile uDavide eKiriyathi Jeharimi, wayiswa ethendeni uDavide ayelimisele wona, eJerusalema.
IKiriyathi Bhali eliyiKiriyathi Jeharimi, neRaba; kuyimizi emibili nemizana yayo.
bese uqhubeka usuka esiqongweni sentaba uya emthonjeni wamanzi eNefithowa, usuke lapho uze uyofika emizini esentabeni i-Efroni, umngcele usuke ujike uye eBhahala eKiriyathi Jeharimi,
Abantu bakwa-Israyeli basuka bagasela kuzo, bafika emizini yazo ngosuku lwesithathu. Imizi yazo kwakuyiGibheyoni, iKhefira, iBhiyerothi neKiriyathi Jeharimi.
UMoya kaSimakade waqala ukumsebenzisa ngesikhathi eseMahane Dani, phakathi kweZora ne-Eshithawoli.
Kwaphuma amadoda angama-600 esizwana sakwaDani, eZora nase-Eshithawoli, ehlome ngezikhali zokulwa.
Asuka lapho, aqhubekela kwelezintaba kwa-Efrayimi, aze afinyelela endlini kaMikha.
Bathumela izithunywa ezakhamuzini zaseKiriyathi Jeharimi, bathi: “AmaFilisti awubuyisile umphongolo kaSimakade; yehlani, niwuthathe niwukhuphulele kini.”
Abantu baseKiriyathi Jeharimi bafika belethe umphongolo kaSimakade, bawungenisa endlini ka-Abhinadaba entabeni, bangcwelisa u-Eleyazare, indodana yakhe, ukuba anakekele umphongolo kaSimakade.