AbAhluleli 18:11 - IsiZulu 2020 Kwaphuma amadoda angama-600 esizwana sakwaDani, eZora nase-Eshithawoli, ehlome ngezikhali zokulwa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwase kuphuma lapho kumndeni wakwaDani eSora nase-Eshitawoli abantu abangamakhulu ayisithupha bebhincile izikhali zokulwa. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwaphuma lapho amadoda angamakhulu ayisithupha esizwe sakwaDani, evela eZora nase-Eshitawoli, ehlome izikhali zempi. |
UMoya kaSimakade waqala ukumsebenzisa ngesikhathi eseMahane Dani, phakathi kweZora ne-Eshithawoli.
Uma nihamba, niyofica abantu abangaxwaye lutho. Izwe libanzi, uNkulunkulu ulinikele esandleni senu; indawo lapho kungasweleke lutho lwasemhlabeni.”
Enyuka, akanisa eKiriyathi Jeharimi kwaJuda; ngalokho bayibiza leyo ndawo ngokuthi yiMahane Dani kuze kube yinamuhla; isentshonalanga yeKiriyathi Jeharimi.