UMikha wayesethi kuyo: “Hlala nami, ube ngubaba nomphristi wami, ngizokunika izinhlamvu zesiliva ezilishumi ngonyaka, nesembatho, nokudla.” UmLevi wahlala.
AbAhluleli 17:11 - IsiZulu 2020 UmLevi wavuma ukuhlala nalowo muntu, leyo nsizwa yaba kuye njengenye yamadodana akhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UmLevi wavuma ukuhlala kulowo muntu; nensizwa yaba kuye njengendodana yakhe. Contemporary Zulu Bible 2024 UmLevi wavuma ukuhlala nalowo muntu; insizwa yaba njengenye yamadodana akhe kuye. |
UMikha wayesethi kuyo: “Hlala nami, ube ngubaba nomphristi wami, ngizokunika izinhlamvu zesiliva ezilishumi ngonyaka, nesembatho, nokudla.” UmLevi wahlala.
UMikha wambeka umLevi, leyo nsizwa yaba ngumphristi wakhe, yahlala emzini kaMikha.
Leyo ndoda yawushiya umuzi iBhethlehema kwaJuda, ukuba iyohlala lapho yayingathola khona indawo. Yahamba yaze yafika endlini kaMikha kwelezintaba kwa-Efrayimi.