UJakobe wasebenza iminyaka eyisikhombisa ukuze aganwe nguRaheli, kodwa ngenxa yothando ayemthanda ngalo uRaheli kwaba sengathi iyizinsuku ezimbalwa.
AbAhluleli 16:15 - IsiZulu 2020 UDelila wayesethi kuSamsoni: “Ungasho kanjani ukuthi uyangithanda, uma inhliziyo yakho ingenami, na? Usungikhohlise kwaze kwaba kathathu, awungitsheli ukuthi yini ekwenza ube namandla angaka.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wayesethi kuye: “Ungasho kanjani ukuthi uyangithanda, nxa inhliziyo yakho ingenami na? Usudlale ngami kathathu, awungitshelanga ukuthi amandla akho aphi.” Contemporary Zulu Bible 2024 Wathi kuye: “Ungasho kanjani ukuthi: ‘Ngiyakuthanda, uma inhliziyo yakho ingekimi na?’ Udlale ngami kathathu, awungitshelanga ukuthi akuphi amandla akho amakhulu. |
UJakobe wasebenza iminyaka eyisikhombisa ukuze aganwe nguRaheli, kodwa ngenxa yothando ayemthanda ngalo uRaheli kwaba sengathi iyizinsuku ezimbalwa.
U-Absalomu wayesethi kuHushayi: “Lokhu kungukwethembeka kwakho kumngani wakho, na? Awuhambanga ngani nomngani wakho, na?”
Bangithumelela umyalezo ofanayo kwaze kwaba amahlandla amane, nami ngilokhu ngibabuyisela impendulo efanayo.
Lokhu kuyokusindisa kowesifazane ondindayo, nakowezizwe omazwi akhe ayashelela,
Uma niyigcina imiyalo yami, niyakuhlala othandweni lwami, njengalokhu nami ngiyigcinile imiyalo kaBaba, ngihlala othandweni lwakhe.
Mthande uSimakade uNkulunkulu wakho, ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangawo wonke amandla akho.
Ngokuba ukuthanda uNkulunkulu yilokhu ukuba siyigcine imiyalo yakhe, futhi imiyalo yakhe ayinzima.
Ngalokho-ke umkaSamsoni wakhala phambi kwakhe, wathi: “Uyangizonda, awungithandi neze. Ubuze abantu bakithi imfumbe, kodwa awukaze ungichazele mina.” USamsoni wamphendula wathi: “Bheka, angikaze ngimtshele ubaba noma umama imbala. Pho ngiyakukutshela kanjani wena, na?”
Wawabethela-ke ngesikhonkwane, wathi kuye: “AmaFilisti aphezu kwakho, Samsoni.” Wavuka ebuthongweni bakhe, wasingcothula isikhonkwane nezintambo ezelukiweyo neziphiciweyo.
Ekugcineni, emva kokumcindezela ngamazwi usuku nosuku, embelesele, waze wacikeka kakhulu uSamsoni.