Kaningi wabahlenga, kodwa bahlubuka ngezinhloso zabo, baqunjwa phansi yiziphambeko zabo.
AbAhluleli 16:14 - IsiZulu 2020 Wawabethela-ke ngesikhonkwane, wathi kuye: “AmaFilisti aphezu kwakho, Samsoni.” Wavuka ebuthongweni bakhe, wasingcothula isikhonkwane nezintambo ezelukiweyo neziphiciweyo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wawabethela-ke ngesikhonkwane, wathi kuye: “AmaFilisti aphezu kwakho, Samsoni.” Wavuka ebuthongweni, wasincothula isikhonkwane sokweluka nezintambo zokwelukwa. Contemporary Zulu Bible 2024 Wasibophela ngesikhonkwane, wathi kuye: “AmaFilisti aphezu kwakho, Samsoni; Wavuka ebuthongweni bakhe, wahamba nesikhonkwane sogodo nolwembu. |
Kaningi wabahlenga, kodwa bahlubuka ngezinhloso zabo, baqunjwa phansi yiziphambeko zabo.
UDelila wathi kuSamsoni: “Kuze kube manje usahlekisa ngami, futhi ungitshela amanga; ngitshele ukuthi ungaboshwa kanjani, na?” USamsoni wathi kuye: “Uma ungeluka amagoda ayisikhombisa ekhanda, uwahlanganisa nezintambo eziphothiwe, uwabethele esikhonkwaneni, ngizoba ntekenteke, ngifane nawo wonke umuntu.”
UDelila wayesethi kuSamsoni: “Ungasho kanjani ukuthi uyangithanda, uma inhliziyo yakho ingenami, na? Usungikhohlise kwaze kwaba kathathu, awungitsheli ukuthi yini ekwenza ube namandla angaka.”