Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AbAhluleli 15:15 - IsiZulu 2020

Wathola umhlathi osemusha wembongolo, wawuthatha, wabulala ngawo amadoda ayinkulungwane.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Wafumana umhlathi wembongolo osemusha, welula isandla sakhe, wawuthatha, wabulala ngawo abantu abayinkulungwane.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Wafumana umhlathi wembongolo entsha, welula isandla sakhe, wawuthatha, wabulala ngawo inkulungwane yamadoda.

Uka jalj uñjjattʼäta



AbAhluleli 15:15
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Nanka amagama amaqhawe kaDavide: uJoshebhi Bhashebhethi waseThakhemoni, owayeyinhloko yabathathu. Nguye owaphakamisa umkhonto wakhe, wabulala abantu abangama-800 ngasikhathi sinye.


Niyakuxosha izitha zenu, ziwe ngenkemba phambi kwenu.


Abayisihlanu kini bayakuxosha abayikhulu, abayikhulu kini baxoshe abayizi-10 000, izitha zenu ziyakuwa ngenkemba phambi kwenu.


bacima amandla omlilo, baphunyuka enkembeni, baphiwa amandla ebuthakathakeni, baba yiziqhwaga empini, baxosha izimpi zabezizwe.


Oyedwa kini uxoshe inkulungwane, ngokuba nguSimakade uNkulunkulu wenu onilwelayo njengalokhu ayekhulume kini.


USamsoni wathi: “Ngomhlathi wembongolo, yebo, ngomhlathi wembongolo, ngibulele amadoda ayinkulungwane.”


Eseqedile ukukhuluma, wawulahla umhlathi wembongolo, leyo ndawo yabizwa ngokuthi yiRamathi Lehi.


Emva kwakhe kwalandela uShamgari, indodana ka-Anathi, owabulala amaFilisti angama-600 ngomcijo wokuhlokoloza izinkomo. Naye futhi wamkhulula u-Israyeli.


Kodwa uJayeli, umkaHebhere, wathatha ngesandla sakhe isikhonkwane sethende nesando, wanyonyoba waya kuye esazunywe ngubuthongo, wasiphisela isikhonkwane enhlafunweni saze saphumela emhlabathini. Wayezunywe ngobukhulu ubuthongo, ekhathele. Wafa kanjalo-ke uSisera.


Emveni kokuba amadoda angama-300 esewehlukanise amaviyo amathathu, wawanikeza amacilongo ezandleni zawo, nezitsha ezingenalutho nezihlonti phakathi ezitsheni.


Kuleso sehlakalo sokuqala sokubulawa kwabantu uJonathani nodibi lwakhe babulala abantu abangama-20 ebangeni elingathi liyingxenye ye-ekha lensimu.


UJonathani wathi odibini lwakhe: “Woza siwelele ngaphesheya, siye ebuthweni labangasokile, mhlawumbe uSimakade uzosisiza, ngokuba akukho okungamthiya ukuba asindise, kungaba ngabaningi noma ngabayingcosana.”