Ndodana yami, yidla uju, ngokuba lumnandi; uju olusemakhekhebeni luyanambitheka emlonyeni.
AbAhluleli 14:9 - IsiZulu 2020 Wazitapa ngezandla zakhe, waqhubeka ehamba edla. Lapho efika kuyise nonina, wabanika nabo badla, kodwa akabatshelanga ukuthi uju wayelutape esidunjini sengonyama. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wazitapa ngezandla zakhe, wahamba, wahamba edla, wafika kuyise nonina, wabapha, badla nabo; kepha akabatshelanga ukuthi wayetape izinyosi esidumbini sengonyama. Contemporary Zulu Bible 2024 Wathatha esandleni sakhe wadla, wafika kuyise nonina, wabapha, badla; kodwa kabatshelanga ukuthi wayethethe uluju engomeni yesilwane. |
Ndodana yami, yidla uju, ngokuba lumnandi; uju olusemakhekhebeni luyanambitheka emlonyeni.
Ngokubekezela, umbusi angathanjiswa, nolimi oluthambileyo luyawaphoqoza amathambo.
Uyise wehla, waya kowesifazane, uSamsoni wenza idili lapho njengokuba izinsizwa zazijwayele ukwenza.
Emveni kwesikhathi wabuyela khona ukuze aganwe nguye. Waphambuka ukuyobheka isidumbu sengonyama. Bheka, kwakunequlu lezinyosi noju esidunjini sengonyama.
USawule wathi kuyisekazi: “Usitshelile impela ukuthi izimbongolo zitholakele.” Kepha akamtshelanga indaba yobukhosi akhuluma ngayo uSamuweli kuye.
Langa limbe uJonathani, indodana kaSawule, wathi odibini lwakhe: “Woza siwele, siye ebuthweni lamaFilisti elingaphesheya.” Kepha akamazisanga uyise ngalokho.