Wabanika kwaba yilowo nalowo ingubo yokushintsha, kodwa uBhenjamini wamnika izinhlamvu zesiliva ezingama-300, nezingubo zakwanokusho ezinhlanu.
AbAhluleli 14:12 - IsiZulu 2020 USamsoni wathi kuzo: “Ake ngininike imfumbe, ngibone ukuthi ningangichazela yini yona ngezinsuku eziyisikhombisa zedili. Uma nikwazile ngizoninika izingubo zelineni ezingama-30 nezingubo zokuphendulela ezingama-30. IBHAYIBHELI ELINGCWELE USamsoni wathi kubo: “Ake ngininike imfumbe; uma ningitshela yona kahle ngezinsuku eziyisikhombisa zedili, niyiqandele, ngiyakuninika amayembe angamashumi amathathu nezingubo zokuphendulela ezingamashumi amathathu; Contemporary Zulu Bible 2024 USamsoni wasesithi kubo: Sengizalinika imfumbe; uma ningangitshela lokhu ngezinsuku eziyisikhombisa zomkhosi, nikuthole, ngiyakuninika izindwangu ezingamashumi amathathu nezingubo ezingamashumi amathathu. |
Wabanika kwaba yilowo nalowo ingubo yokushintsha, kodwa uBhenjamini wamnika izinhlamvu zesiliva ezingama-300, nezingubo zakwanokusho ezinhlanu.
Kwathi ukuba indlovukazi yaseShebha izwe imibiko ngodumo lukaSolomoni ngenxa yegama likaSimakade, yafika ukuzomvivinya ngemibuzo elukhuni.
Wathi: “Sisahlezi kahle. Inkosi yami ingithumile, ukuba ngithi: ‘Manje kufike kimi izinsizwa ezimbili zivela kwelezintaba kwa-Efrayimi, emadodaneni abaphrofethi; ake uzinike ithalenta lesiliva nezingubo ezimbili zokuphendulela.’ ”
Inkosi yase-Aramu yayisithi: “Hamba uye khona; ngizakuthumela incwadi enkosini yakwa-Israyeli.” Wahamba, wathatha amathalenta esiliva alishumi nezinhlamvu zegolide eziyizi-6 000, nezingubo ezilishumi zokuphendulela.
Ngaleso sikhathi uSolomoni wagubha umkhosi izinsuku eziyisikhombisa, wonke u-Israyeli enaye, eyibandla elikhulu kakhulu, kusukela eLebo Hamathi kuze kube semfuleni eGibhithe.
“Ndodana yomuntu, banike imfumbe, ukhulume ngomfanekiso kuyo indlu yakwa-Israyeli,
Yingakho-ke ngikhuluma kubo ngemizekeliso, ukuze bathi bebona, kodwa bangabonisisi; bathi bezwa, kepha bangezwisisi futhi bangaqondi.
UJesu wakukhuluma konke lokhu ezixukwini ngemizekeliso, akukho lutho olunye ake walukhuluma kubo ngaphandle kwemizekeliso,
“Ningazibekeleli ingcebo emhlabeni, lapho inokoniwa khona yinundu nokugqwala, nalapho amasela efohla khona, ebe.
Wayesebalandisa abamenyiweyo umzekeliso, ebona beziqokela izihlalo eziphambili, wathi kubo:
Abafundi bakhe bathi kuye: “Manje-ke usukubeka ngembaba lokhu okushoyo, awusakhulumi ngemifanekeliso.
Ngokuba manje sibona esibukweni kalufifi, kepha lapho sobukana ubuso nobuso, ngokuba manje ngazi ingxenye, kepha lapho ngiyokwaziwa ngokupheleleyo, njengokuba bengaziwa ngokupheleleyo.
Kepha uma nehluleka ukungichazela yona, niyonginika izingubo zelineni ezingama-30 nezingubo zokuphendulela ezingama-30.” Zathi kuye: “Sitshele imfumbe yakho sifuna ukuyizwa.”