AbAhluleli 14:11 - IsiZulu 2020 Lapho abantu bembona, baletha kuye izinsizwa ezingama-30 ukuba zizomzimazisa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwathi lapho bembona, baletha abayeni abangamashumi amathathu ukuba babe naye. Contemporary Zulu Bible 2024 Lapho bembona, baletha abangane abangamashumi amathathu ukuba babe naye. |
Sengingenile esivandeni sami, dadewethu, makoti wami! Sengiyibuthile imure yami namakha ami, sengiwadlile amakhekheba ami noju lwami, ngaphuza iwayini lami nobisi lwami. Yidlani bangani, niphuze, niphuze neneliseke, zithandwa.
UJesu wathi kubo: “Ikhetho lingalila yini umyeni esenalo na? Kepha ziyeza izinsuku lapho umyeni eyakususwa kulo; kulapho-ke lizakuzila khona.
Lowo onomakoti, ungumyeni; kepha umngani omise umyeni uyathokoza lapho ezwa izwi lomyeni. Ngakho-ke ukuthokoza kwami sekuphelelisiwe.
Uyise wehla, waya kowesifazane, uSamsoni wenza idili lapho njengokuba izinsizwa zazijwayele ukwenza.
USamsoni wathi kuzo: “Ake ngininike imfumbe, ngibone ukuthi ningangichazela yini yona ngezinsuku eziyisikhombisa zedili. Uma nikwazile ngizoninika izingubo zelineni ezingama-30 nezingubo zokuphendulela ezingama-30.
Bagijima, bamlanda lapho. Wema phakathi kwabantu; wayemude kunabo bonke abantu kusukela emahlombe kuya phezulu.
Kwathi sebefikile, wabona u-Eliyabe, wathi: “Impela ogcotshiweyo kaSimakade uphambi kwakhe.”