Kepha, bathi: “Asiliphuzi iwayini, ngokuba uJonadaba, indodana kaRekhabhi, ukhokho wethu, wasiyala, wathi: ‘Ningaliphuzi iwayini, nina namadodana enu, kuze kube phakade.
AbAhluleli 13:7 - IsiZulu 2020 kodwa uthe kimi: ‘Uzakukhulelwa, uzale indodana. Ngakho-ke ungaphuzi wayini nophuzo olunamandla, futhi ungadli lutho olungcolileyo, ngokuba umfana uzokuba ngumnaziri kaNkulunkulu kwasesibelethweni kuze kube sosukwini lokufa kwakhe.’ ” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha wathi kimi: ‘Bheka, uyakukhulelwa, uzale indodana; ngakho ungaphuzi wayini naluphuzo olunamandla, ungadli lutho olungcolileyo, ngokuba umntwana uyakuba ngumNaziri* kaNkulunkulu kwasesizalweni kuze kube sosukwini lokufa kwakhe.’ ” Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa wathi kimi: Khangela, uzakhulelwa, uzale indodana; manje ungaphuzi wayini nasiphuzo esinamandla, ungadli lutho olungcolileyo; ngoba umfana uzakuba ngumNazaretha kaNkulunkulu kusukela esizalweni kuze kube lusuku lokufa kwakhe. |
Kepha, bathi: “Asiliphuzi iwayini, ngokuba uJonadaba, indodana kaRekhabhi, ukhokho wethu, wasiyala, wathi: ‘Ningaliphuzi iwayini, nina namadodana enu, kuze kube phakade.
Ngavusa amanye amadodana enu aba ngabaphrofethi, nezinye izinsizwa zenu zaba ngamaNaziri. Akunjalo yini bantu bakwa-Israyeli na?” kusho uSimakade.
“Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Uma owesilisa noma owesifazane enza isithembiso esilukhuni sokuba ngumnaziri, abe ngumnaziri kuSimakade,
Qaphela ukuthi ungaliphuzi iwayini nophuzo olunamandla, futhi ungadli lutho olungcolileyo,
Owesifazane wahamba wabikela umyeni wakhe, wathi: “Kufike kimi umuntu kaNkulunkulu, isimo sakhe sifana nesengelosi kaNkulunkulu, esabeka kakhulu. Angimbuzanga ukuthi uvelaphi, futhi akangitshelanga igama lakhe,
UManowa wayesekhuleka kuSimakade, wathi: “Nkosi, ngiyakunxusa, makuthi umuntu kaNkulunkulu obumthumile abuye eze kithi asifundise ukuthi siyakwenzenjani maqondana nomfana ozakuzalwa.”