AbAhluleli 13:2 - IsiZulu 2020 Kwakukhona indoda ethile eZora, yomndeni wakwaDani, igama layo kunguManowa. Umkayo wayeyinyumba, engenabantwana. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwakukhona umuntu othile waseSora womndeni wakwaDani ogama lakhe lalinguManowa; umkakhe wayeyinyumba engazali. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwakukhona umuntu othile waseSore, wesizwe sakwaDani, ogama lakhe lalinguManowa; umkakhe wayeyinyumba, engazali. |
USarayi umka-Abhrama wayengamtholeli bantwana; wayenencekukazi engumGibhithe, igama layo kunguHagari.
U-Isaka wamkhulekela kuSimakade uRibheka umkakhe, ngokuba wayengabatholi abantwana, iNkosi yawuzwa umkhuleko wakhe, uRibheka wakhulelwa.
Imindeni kaKiriyathi Jeharimi kwakungamaJetheri, amaPhuthi, amaShumathi namaMishirayithi; kubo kwavela amaZorathi nama-Eshithawoli.
Kepha babengenamntwana, ngokuba u-Elizabethe wayeyinyumba, futhi bobabili base bekhulile.
Ingelosi kaSimakade yakhuphuka eGiligali, yaya eBhokhimi, yathi: “Nganikhipha eGibhithe, nganiletha ezweni engalethembisa okhokho benu, ngathi: ‘Angisoze ngasephula isivumelwano sami nani kuze kube phakade.