futhi ngimqokile ukuba afundise abantwana bakhe nabendlu yakhe, ukuba bagcine umyalo kaSimakade ngokwenza ukulunga nobulungiswa, ukuze uSimakade akufeze lokho amethembise khona.”
AbAhluleli 13:12 - IsiZulu 2020 Wayesethi uManowa: “Nxa sekwenzekile owakukhulumayo, iyakuba yini indlela yomntwana, uyakwenzani, na?” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wayesethi uManowa: “Nxa esenzekile amazwi akho, iyakuba yini indlela yomntwana, kuyakwenziwani na?” Contemporary Zulu Bible 2024 UManowa wayesethi: “Manje amazwi enu agcwaliseke.” Sizoyala kanjani umntwana, futhi sizomenzani? |
futhi ngimqokile ukuba afundise abantwana bakhe nabendlu yakhe, ukuba bagcine umyalo kaSimakade ngokwenza ukulunga nobulungiswa, ukuze uSimakade akufeze lokho amethembise khona.”
Mangizwe ububele bakho ekuseni, ngokuba ngethembela kuwe; ngazise indlela engifanele ukuhamba ngayo, ngokuba umphefumulo wami ngiwuphakamisela kuwe.
Khulisa umntwana ngendlela eyakuba ngeyakhe; kuyakuthi lapho esekhulile angasuki kuyo.
wangifundisa, wathi, kimi: “Inhliziyo yakho mayibambelele emazwini ami, ugcine imiyalelo yami, uphile.
Nani boyise, ningabathukuthelisi abantwana benu, kodwa nibondle ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.
UManowa wasukuma walandela umkakhe, wafika kulowo muntu, wathi kuye: “Ngabe uyilowo muntu owakhuluma kulo wesifazane, na?” Wathi: “Yebo, nginguye.”
Ingelosi kaSimakade yathi kuManowa: “Owesifazane makakulalele konke engimtshele khona.