U-Isaka wathi kubo: “Nizofunani lapha kimi, ngoba nina niyangizonda, naze nangidingisa na?”
AbAhluleli 11:7 - IsiZulu 2020 Kodwa uJeftha wathi kumalunga akwaGileyadi: “Anisibo yini labo abangala, bangixosha endlini kababa, na? Pho nilethwa yini kimi uma senisenkathazweni, na?” IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJefta wathi kumalunga akwaGileyadi: “Aningizondanga yini, nangixosha endlini kababa na? Nizelani kimi manje nisekuhluphekeni na?” Contemporary Zulu Bible 2024 UJefta wathi kumalunga akwaGileyadi: “Aningizondanga na, nangixosha endlini kababa na? futhi kungani niza Kimi manje nisenkingeni? |
U-Isaka wathi kubo: “Nizofunani lapha kimi, ngoba nina niyangizonda, naze nangidingisa na?”
Asimthengisele abakwa-Ishmayeli engenamyocu, ngokuba ungumfowethu, uyinyama yethu.” Abafowabo bamlalela.
Umngani uyathanda ngezikhathi zonke, kodwa umfowenu wazalelwa ukukuthwalisa ngezikhathi zobunzima.
Amadodana alabo abakuhluphileyo ayoza kuwe ekhokhoba, ekuhlonipha, nabo bonke abakwedelelayo bayokhothama ngasematheni ezinyawo zakho, bakubize ngokuthi nguMuzi kaSimakade neZiyoni loNgcwele ka-Israyeli.
Lalela-ke, ngiyakubakhipha esinagogeni likaSathane labo abazishaya abaJuda bengesibo, kodwa beqamba amanga. Ngiyakubenza ukuba beze bakhuleke phambi kwezinyawo zakho, bazi ukuthi ngikuthandile.