Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AbAhluleli 11:23 - IsiZulu 2020

“Ngakho-ke manje, uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli uwanqobile ama-Amori ukuze kuzuze abantu bakhe bakwa-Israyeli. Ngabe usophe ukudla izwe labo, na?

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

“Manje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli uwaxoshile ama-Amori phambi kwabantu bakhe u-Israyeli; wena uyakulidla izwe na?

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Manje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli uwaxoshile ama-Amori phambi kwabantu bakhe u-Israyeli;

Uka jalj uñjjattʼäta



AbAhluleli 11:23
5 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wena-ke ngikwabela okuthe xaxa kunabafowenu; ingxenye engayithatha ezandleni zama-Amori ngenkemba nangomnsalo wami.”


Bheka-ke ukuthi basivuza kanjani, bezile ukuzosixosha efeni lakho owasinika lona ukuba silidle.


Kwathi lapho wonke amakhosi ama-Amori ayengaphesheya kweJordani ngasentshonalanga, nawo wonke amakhosi amaKhanani ayegudle ulwandle, ezwa ukuthi uSimakade womise amanzi eJordani baze bawela bonke abantu bakwa-Israyeli, angenwa ngamanzi emadolweni, aphelelwa yisibindi ngenxa yabantu bakwa-Israyeli.


Balidla lonke izwe lama-Amori, kusukela e-Arinoni kuye eJabhoki, nasehlane kuze kube seJordani.


Aneneliswa yini yizwe unkulunkulu wenu uKhemoshi aninike lona laba yifa lenu, na? Thina asifanele yini ukudla lonke izwe uSimakade uNkulunkulu wethu asinqobele lona ukuba libe yifa lethu, na?