AbAhluleli 11:18 - IsiZulu 2020 “Base behamba ehlane, bazungeza izwe lakwa-Edomi nelakwaMowabi, baze bafinyelela empumalanga yezwe lakwaMowabi, bakanisa ngakolunye uhlangothi e-Arinoni. Kabangenanga endaweni yabakwaMowabi, ngokuba i-Arinoni yayingumngcele kwaMowabi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Wayesehamba ehlane, wazungeza izwe lakwa-Edomi nezwe lakwaMowabi, weza ngasempumalanga kwezwe lakwaMowabi, wamisa ngaphesheya kwe-Arinoni; kepha abangenanga emkhawulweni wakwaMowabi, ngokuba i-Arinoni lalingumkhawulo wakwaMowabi. Contemporary Zulu Bible 2024 Base bedabula ihlane, balihaqa izwe lakwa-Edomi nezwe lakwaMowabi, bafika ngasempumalanga kwezwe lakwaMowabi, bamisa ngaphesheya kwe-Arinoni, kepha abangenanga emkhawulweni wakwaMowabi. Ngokuba i-Arinoni lalingumkhawulo wakwaMowabi. |
UBhalaki wezwa ukuthi uBhileyamu ufikile, waphuma wayomhlangabeza emzini wakwaMowabi emngceleni wase-Arinoni elingasekupheleni kwesifunda.
“ ‘Sukani nihambe, niwele umfula i-Arinoni; bhekani, nginikele esandleni sakho uSihoni, umAmori inkosi yaseHeshibhoni, nezwe lakhe: qala ukulidla ngokuba ulwe naye empini.
“USimakade wayesethi kimi: ‘Ungamkhathazi uMowabi, ungabahlaseli ukuba ulwe nabo, ngokuba angiyukukunika izwe lakhe libe yifa lakho, njengalokhu ngabanika lona abozalo lukaLothi, i-Ari, libe yifa labo.’ ”