ngalokho lobu bubi buyofana nomfantu ovulekile obondeni oluphakemeyo, osekuseduze lubhidlike, oluyowa ngokuphazima kweso, kungalindele muntu.
AbAhluleli 10:8 - IsiZulu 2020 babahlukumeza, babacindezela abantu bakwa-Israyeli ngalowo nyaka. Kwaphela iminyaka eli-18 bebacindezele bonke abantu bakwa-Israyeli ababehlala phesheya kweJordani, ezweni lama-Amori, kwaGileyadi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bakhathaza, bacindezela abantwana bakwa-Israyeli ngalowo mnyaka; iminyaka eyishumi nesishiyagalombili babacindezela bonke abantwana bakwa-Israyeli ababengaphesheya kweJordani ezweni lama-Amori elikwaGileyadi. Contemporary Zulu Bible 2024 Base behlupha abantwana bakwa-Israyeli ngalowo mnyaka, babacindezela iminyaka eyishumi nesishiyagalombili bonke abantwana bakwa-Israyeli ababephesheya kweJordani ezweni lama-Amori aseGileyadi. |
ngalokho lobu bubi buyofana nomfantu ovulekile obondeni oluphakemeyo, osekuseduze lubhidlike, oluyowa ngokuphazima kweso, kungalindele muntu.
Abozalo lukaMakhiri, indodana kaManase, badla elakwaGileyadi, baxosha ama-Amori ayekulo.
Uma bethi: “Ukuthula nokuhlala kahle,” khona ukubhujiswa kuyakubazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo; kabasoze baphunyuka.
Ngakho-ke ulaka lukaSimakade lwamvuthela u-Israyeli, wabanikela esandleni samaFilisti, nasesandleni sabakwa-Amoni,
Abakwa-Amoni bawela iJordani ukuyolwa noJuda, noBhenjamini, nabendlu ka-Efrayimi, u-Israyeli wakhathazeka kakhulu.
Isandla sabakwaMidiyani sabehlula abantu bakwa-Israyeli, ngenxa yabakwaMidiyani, abakwa-Israyeli bazakhela izindawo zokucasha ezintabeni, emigedeni, nasezinqabeni.